ISITHANDWA sabalandeli beKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, sizifake sazinza enhliziyweni yomqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngokukhombisa ukukuthakasela ukuba seqenjini lesizwe yize bekuvalwa ngaso isikhala sikaRelebohile Mofokeng obekhishwe ngenxa yokulimala.
Lo mqeqeshi waseBelgium ukhuluma kanjena nje, kunengxenye yabalandeli beChiefs engajabule ngempumelelo yeBafana ezibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ekuqaleni kwesonto. Laba balandeli bakhala ngokushaywa indiva nguBroos kwabadlali baleli qembu laseNaturena.
Kunzima nokho ukuziba ukuthi okwenzeke ngesikhathi uShabalala engena usuyophela umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba weBafana neRwanda kudwebe isithombe sokuthi lo mdlali uthakaselwa yibona bonke ozakwabo ekhempini.
Ibhentshi leBafana lisukume lonke lama ngezinyawo lilindele ukuthi ibhola liphumele ngaphandle ukuze uShabalala oneminyaka engu-21 ezothola umdlalo wakhe wokuqala kwiBafana kaBroos.
Emuva komdlalo, uBroos utshele abezindaba ngokumenze ukuthi afake uShabalala yize umdlalo ubusuyela emaphethelweni.
“Ngikuqaphele ejimini ukuthi uShabalala uzimisele futhi uzinikele ngendlela egculisayo ekubeni ebelandwe ngoba kukhona olimele,” kusho uBroos.
“Okujwayelekile wukuthi umdlali olandwe njengoShabalala (ngoba kulimele uMofokeng) ufika ekhempini akhombise ngezenzo ukuthi kuvalwe ngaye isikhala kodwa hhayi lona.
“Iqiniso wukuthi uma usebenza nabadlali abancane awukwazi ukubagixabeza ngokukhulu kepha kufanele ubazwise kancane kancane.
“Noma isikhathi bese sisincane kodwa ngibone kufanele ukuthi ngimfake ukuze naye ezwe umuzwa wokuba wumdlali weqembu lesizwe ngokugcwele.
“Kusukela siqala ukubumba iBafana bekuncike ekutheni sibheka uhlobo lwabadlali olukhombisa ngezenzo ukuthi luzimisele ngokuba yingxenye yalo mndeni.
“UShabalala uwulolo hlobo lomdlali ngoba akabuzi imibuzo kepha uma enikwe umsebenzi uwenza ngokuzikhandla ebe emamatheka."
IChiefs ihambe noShabalala eDemocratic Republic of Congo (DRC) lapho iyobhekana khona neFC Simba kowomlenze wokuqala weyokuhlungela eyamamqoqo yeCaf Confederation Cup kusasa ngo-3 ntambama, eStade TP Mazembe, eLubumbashi.