U-HUGO Broos waseBelgium ofake iBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba okokuqala eminyakeni engu-24
Image: SIGCINIWE
I-SOUTH African Football Association (Safa) icishe yacekela phansi umsebenzi "kamkhulu" waseBelgium, uHugo Broos, oyohlale ekhunjulwa emlandweni webhola laseNingizimu Afrika ngokubuyisela iBafana Bafana ezinhliziyweni zabantu baseMzansi.
Ukunqoba kweBafana kwiRwanda eMbombela Stadium izolo ebusuku newini yeNigeria kwiBenin e-Uyo emidlalweni ka-Group C, kufake ezikaBroos kwiNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo ezoba seMexico, Canada nase-United States of America (USA).
UBroos wathatha iBafana kuMolefi Ntseki ngo-2021 abalandeli bayo bengasanaki ngisho kuthiwa iyadlala. Imbangela yalokhu wukuthi iBafana eyake yasatshwa ebholeni lase-Afrika yayisiphenduke inhlekisa ebholeni lezwekazi kwazise yayilokhu ihlehla nyova kusukela yawina i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngo-1996.
Kusukela ngo-1996, iBafana yafika kowamanqamu we-Afcon yango-1998 kwalandela iNdebe yoMhlaba amahlandla amathathu (1998, 2002 nango-2010).
Kusuka lapho kwaba sengathi iBafana ithakathiwe, isiphenduke ukudla kwenduku ngisho emazweni angazelwa lutho ebholeni lomhlaba njenge-Ethiopia neMauritania.
Usizi luqhubeke kwaze kwaba uyafika uBroos owabeka umthetho, waphinda wakucacisa ukuthi akazimisele ukulalela ababezama ukumtshela ngeqembu lakhe okuyilokhu afika ulibumba ngabadllai abagijima kwiPremier Soccer League (PSL).
Enonyaka uBroos efikile kwiBafana, kwasala kancane ukuthi ayifake iBafana kwiNdebe yoMhlaba ka-2022.
Lokhu kwalandelwa yingcwenga yebhola kwi-Afcon yase-Ivory Coast lapho iBafana yabuya khona nendondo yethusi. Sikhuluma nje iBafana isivele izibekisele indawo kwi-Afcon ezoba seMorocco ngoDisemba.
Kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yaseMexico, Canada nase-United States of America (USA), konke bekuhamba kahle kwaze kwaba wukuthi ubudedengu eSafa House kufaka iBafana ezinkingeni ku-Group C ebiqhwakele kuwona, kudlaliswa uTeboho Mokoena kungafanele. Iphutha eliholele ekutheni iBafana iphucwe amaphuzu amathathu, lenziwe yimenenja yeqembu, uVincent Tseka, owahluleka wukuqaphela ukuthi uMokoena unamakhadi aphuzi amabili, okusho ukuthi kwakungafanele adlale ngesikhathi ibhekene neLesotho ezinyangeni ezedlule.
*Irekhodi likaHugo Broos kwiBafana
Imidlalo: 38
Amawini: 20
Ama-draw: 12
Induku: 6
Akayazi induku kwengu-22 edlule
Wafika iBafana ikleliswe yiFifa kunombolo 75 njengoba eseyibeke ku-55.
*IMIPHUMELA yeBafana Bafana kusukela kwaqala imidlalo ka-Group C ngo-2023 imi kanje:
18 November 2023
Bafana Bafana 2-1 Benin
21 November 2023
Rwanda 2-0 Bafana Bafana
7 June 2024
Nigeria 1-1 Bafana Bafana
11 June 2024
Bafana Bafana 3-1 Zimbabwe
21 March 2025
Bafana Bafana 2-0 Lesotho
25 March 2025
Benin 0-2 Bafana Bafana
5 September 2025
Lesotho 0-3 Bafana Bafana
9 September 2025
Bafana Bafana 1-1 Nigeria
10 October 2025
Zimbabwe 0-0 Bafana Bafana
14 October 2025
Bafana Bafana 3-0 Rwanda