UBroos uke ‘wayiphrofetha’ eyokutakulwa yiNigeria

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, okumele awine kwiRwanda ukuze kuvuleke ithuba leNdebe yoMhllaba

Image: Isithombe:SIGCIIWE

NGOSUKU iBafana Bafana eyangena ngalo otalatiyeni ngokudlalisa uTeboho Mokoena kungafanele, umqeqeshi uHugo Broos, wakhuluma sakuphrofetha ukuthi iNigeria izoba nesandla ekulekeleleni iNingizimu Afrika, izibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba ka-2026. 

Lesi siphrofetho sikaBroos asenza kwabezindaba kulandela iwini ka 2-0 kwiLesotho, siphenduke iqiniso njengoba kungeke kusajika ukuthi ukuya kweBafana kwiNdebe yoMhlaba kusezandleni zeNigeria, okufanele ishaye iBenin. 

“Ukuqala ngebatha kweNigeria kweyokuhlunga akufanele sikujabulele ngoba uma isivuka njengenjwayelo iyobe isisishayela izimbangi kuleli qoqo,” kwasho uBroos ngoMashi 21, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Ukaputeni weBafana, uRonwen Williams, akalilahlie ithemba ngokuqhwakela ku-Group C ngokunqoba kwiRwanda kusasa ngo-6 ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit.

“Siyazi sizifake thina kulolu bishi kodwa kasililahlile ithemba ngokuthi isengenzeka imbedumehlwana kweyokugcina,” kusho uWilliams emuva kokubambana neZimbabwe ngo 0-0.

Ngempelasonto, iCaf ikhiphe isitatimende icacisa ngokudingwa yiBafana, Benin neNigeria emidlalweni yakusasa ka-Group C ukuze bazibekisele indawo kwiNdebe yoMhlaba.

*IBenin izongena ngokunqoba kwiNigeria emdlalweni ozoba se-Uyo.

*Kusengenzeka iBenin ingene ngisho ingadlala ngokulingana kodwa lokhu kuncike ekutheni iBafana ingawuwini owayo neRwanda.

*IBafana izongena kweyoMhlaba uma inqoba kwiRwanda, iNigeria ishaye iBenin.

*Uma iBenin neNigeria bedlala ngokulingana, iBafana kumele iwine kwiRwanda ngenqwaba yamagoli ukuze yeqe iBenin ngokwezibalo zamagoli.

*Ithuba leNigeria lokungena kwiNdebe yoMhlaba lilele ekutheni inqobe kwiBenin (okungenani ngamagoli amathathu), iBafana ishaywe yiRwanda.

Uma uBenin yehlula iNigeria, iBafana inqoba kwiRwanda, elakuleli lisengabalwa namaqembu amane aqede kangcono endaweni yesibili azodlala kuma-Play-Off, kuphume elizomela i-Afrika. Eliwinile lizoqhubeka liyodlala namanye aqhamuka e-Asia naseSouth America kubangwa isikhala kweyoMhlaba. 

Ukuhoxa kwe-Eritria kweyokuhlunga kuphoqe iCaf neFifa ukuba babuyekeze indlela ezokwenza ukuthi kube nobulungiswa uma sekuqhathwa eyabalale isibili abazoba nethuba lokuzama okokugcina ukuya kwiNdebe yoMhlaba. 

Umthetho okwavunyelwana ngawo ngoMashi ukhomba ukuthi amaqembu amane okuqala eqoqweni azophucwa amaphuzu awathole ebhekene neqembu elisekugcineni (eqoqweni). 

Lokhu kuchaza ukuthi kwiBafana kuzothathwa amaphuzu amane ewathole kwiZimbabwe okuyisimo esizoyishiya esimweni esibi uma iqhathaniswa namanye amaqembu asendaweni yesibili kwamanye amaqoqo.