UKAPUTENI we-Orlando Pirates, uNkosinathi Sibisi, uveze ukuthi akwehlanga kahle kuyena ukuhhewulwa kukazakwabo uTsepang Moremi
Image: SIGCINIWE
UKUSHAQEKA nobuhlungu benhliziyo kubadlali abasebuholini be-Orlando Pirates kubaphoqe ukuthi bahlohle iqembu lonke ngokubaluleka kokukhumbuza abalandeli ngamandla abanawo kulandela isenzo sabo sokuhhewula uTsepang Moremi emdlalweni wowandulela owamanqamu weMTN 8 bebhekene neMamelodi Sundowns.
UNkosinathi “Bhodlela” Sibisi ongukaputeni weZimnyama noThapelo Xoki osesigungwini sokaputeni kwiPirates babhoboke ngokuhlungu besenzo sabalandeli baleli qembu ngesikhathi lisendleleni ebheke ekuqukuleni isicoco sesine seMTN8 yakamuva.
Lezi zitobha bezikhuluma kwiqophamlando lePirates elaziwa ngele-Giants elikhonjiswa kulezi zinsuku ngesikhathi kuvela lesi simo abasichaze njengesibe muncu kubona ngokwahlukana.
“Ubunzima bomdlalo neSundowns bagcina bungasasho lutho ngenxa yesenzo esibi sabalandeli abahhewula uMoremi esanda kungena ngoba ephunyukwe yibhola,” kusho uSibisi.
“Ngaswela umgodi wokucasha ngoba ngangingakulindele lokhu kubalandeli bethu. Okunye okwangithusa wukuthi uMoremi musha eqenjini futhi usemncane nangokweminyaka.
“Lesi senzo sangisusa ezicukuthwaneni ngangena enkundleni ngiyoshaya umthetho wokuthi noma sizoya kubalandeli njengenjwayelo emuva komdlalo kodwa ngeke sicule nabo ngenhloso yokubakhombisa ukuthi kasihambisani nokuhhewulwa kwabadlali,” kusho uSibisi.
NgokukaMoremi akanakanga ngesikhathi lokhu kwenzeka ngendlela umsindo owawumkhulu ngayo.
“Angiyena umuntu onakayo kodwa ukwesekwa ngozakwethu kwangiqinisa idolo. UTito (Patrick Maswanganyi) wahlala nami phansi wangitshela ukuthi naye wadlula esimeni esifanayo,” kusho uMoremi.
NgokukaXoki, ngisho noma ngabe konakele kanjani, iPirates akufanele ibe yiqembu elibulala ikusasa lalo.
“Ngahluleka ukwamukela ukuthi yiPirates yami le ehhewula umfana omncane. Ngasala ngiphatheke kabi ngengangikubuka kwenziwa abalandeli bami kuzakwethu sidlalela ekhaya,” kusho uXoki sakubabaza.
Sekungumlando ukuthi uMoremi nguyena owaba yiqhawe lePirates kowamanqamu weMTN8 kwazise wasuka ebhentshini nge-extratime washaya amagoli amabili ngesikhathi inqoba ngo 3-0 kwiStellenbosch FC.
Ngaphandle kwesehlakalo sabalandeli noMoremi kuleli qophamlando, kuvele nokungekuhle okwenzeka ngaphakathi ekhempini yeZimnyama. USipho Mbule ukuqinisekisile ukuthi bamgolozela umqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou kulo mdlalo ngesikhathi ezama ukushinitsha uSihle Nduli.
“Samgolozela umqeqeshi ezama ukukhipha uNduli ngoba sibona sengathi ukubakhona kwakhe enkundleni kusewusizo. Samcela ukuthi amnike imizuzu engu-15 noma engu-20,” usho kanje uMbule kuleli qophamlando.