U-EVIDENCE Makgopa esenkundleni ngesikhathi iBafana Bafana ibhekene neNigeria kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) yase-Ivory Coast
Image: BAFANA BAFANA
OMUNYE wabadlali abayizintandokazi zomqeqeshi, uHugo Broos, okuhlale kunemvunge ngokubizelwa kwakhe kwiBafana Bafana, u-Evidence Makgopa, kungase kube ngamandla akhe afaka leli qembu lesizwe kwiNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo eMexico, Canada nase-United States of America (USA).
UMakgopa ubengekho esikwatini sakamuva seBafana kodwa ulandwe nguBroos ngoba sekuhoxe u-Iqraam Rayners ngenxa yokulimala esefikile ekhempini.
NgoLwesibili kuvukwe ngezindaba zokuthinteka kukaLyle Foster ogcine ephumile esikwatini, indawo yakhe yavalwa ngo-Ashley Cupido weStellenbosch FC.
IBafana imelwe wukunqoba noma yikanjani emdlalweni ka-Group C wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesibili ngo-6 kusihlwa eMbombela Stadium, eNelspruit.
Emasontweni ambili adlule, uBroos utshele abezindaba ukuthi akasoze ayeka ukulanda uMakgopa ngoba uwusizo ngendlela engachazeki kuyena.
“Akayena uMessi (Lionel) noma uRonaldo (Cristiano) kodwa esikwenzelwa nguMakgopa kusukela saqala ukusebenza naye akulula ukukhohlwa ngakho.
“Ngiyazi kukhona abahlale benemibuzo ngaye kodwa angisoze ngayeka ukumlanda yinqobo uma ngisewumqeqeshi waleli qembu lesizwe,” kusho uBroos.
Lokhu kwethenjwa nguBroos kufanele ukuba kuyamkhuthaza uMakgopa njengoba iBafana imelwe wukunqoba, bese ithandazela ukuthi neNigeria yenze okufanayo kwiBenin komunye umdlalo ka-Group C.
Njengoba emancane amathuba okuthi kuzoqala koweRwanda, kubukeka leli kuyithuba likaMakgopa lokusebenzisa leli khono uBroos alibabaza kuyena ngesikhathi, aziqopheke umlando wokufaka iBafana kwiNdebe yoMhlaba.
UMakgopa usethubeni lokuzifaka emlandweni wabagadli ababa nesandla ekufakeni iBafana kwiNdebe yoMhlaba ngamagoli amqoka njengoPhilemon “Chippa” Masinga, Sibusiso “Rhee” Zuma, Siyabonga “Bhele” Nomvethe noBennedict “Benni” McCarthy.