Izinkomba zoqhekeko kuNabi nafika nabo kwiChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

NGEZIKHATHI ezimnandi uNasreddine Nabi nethimba lakhe beqeda indlala yeminyaka yezinkomishi kwiKaizer Chiefs ngeNedbank Cup

Image: SIGCINIWE

UKUSHIYA ngaphandle amaphini, uCedric Kaze noKhalil Ben Youssef, kukaNansredddine Nabi encwadini yokuvalelisa kwiKaizer Chiefs, kudwebe isithombe sokungahoshelani phakathi kwalaba baqeqeshi abafika ngesikhathi esisodwa lilikhulu isasasa ngokujika kwenhlanhla yaleli qembu laseNaturena.

IChiefs noNabi bagcine bekuqinisekisile ukuhlukana kwabo ngesihle ngesikhathi esifanayo. Leli qembu liqinisekise ukuthi uKaze noBen Youssef bazoqhubeka nokubamba kuze kuphele isizini.

Kuqaphelekile nokho ukuthi uNabi ubabonge bonke abamesekile ngesikhathi ekuleli qembu encwadini ayibhalile kodwa wabashiya ngaphandle uKaze obemtolikela noBen Youssef obengesinye sezethenjwa zakhe.

Ukuqhakambisa kukaNabi ukwesekwa akuthole ku-Ilyes Mzoughi noSafi Madji, ashiye ngaphandle laba abanye ababili kukhomba uqhekeko kulaba baqeqeshi abafika beyimbumba.

UNabi ubale waze wafika kuDoctor Khumalo, Siphiwe Shabalala no-Arthur Zwane ebonga ngokwamukelwa nokuhlonishwa kodwa lutho uKaze noBen Youssef adle nabo iNedbank Cup ngesizini yabo yokuqala kuMakhosi.

Yize abalandeli bekujabulela ukuthi sesithathiwe isinqumo ngoNabi kodwa imvunge ngoKaze noBen Youssef kayibukeki izodamba maduze.

Omunye wabadlali bakudala beChiefs osanda kuxoxa neSolezwe uDominic Isaacs, uyihlabe wayihlikiza indaba kaKaze noBen Youssef.

“Ngenkulu inhlonipho omunye uwutolika kanti omunye wafika ezosiza ngakho-ke kangibaboni benamava afanele ukushayela umkhumbi weqembu elikhulu njengeChiefs.

“Isenzo sakamuva sikanozinti (uFiacre Ntwari) egoloza ukukhishwa sisidwebe sacaca isithombe ngokwenzeka ngaphakathi ekhempini yeChiefs.

“Akuyona leChiefs esiyaziyo. Isikwati asishodi ngalutho kodwa angikholwa ukuthi uKaze noBen Youssef bazoba nendlela yokulawula laba badlali abanabo.

“Ukube umthetho uqinile kwiChiefs unozinti ubengeke agoloze ekhishwa. Angikho ekhempini yeChiefs kodwa lokhu okwenziwe nguNtwari kusivule sonke amehlo ngokwenzeka ngaphakathi njengoba ingenaye umqeqeshi,” kusho u-Isaacs.