UMGADLI weBafana Bafana uLyle Foster ongabanga nomdlalo omuhle koweZimbabwe nokubhekwe lukhulu kuyena koweRwanda
Image: SIGCINIWE
INHLESE yegqubu eqhamuka ekhempini yeBafana Bafana ngokuthi iRwanda iyona kuphela esabathele othulini kusukela kuqale imidlalo ka-Group C ingase ibe yisikhuthazi esidingekayo namuhla ngo-6 ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit.
IBafana izokwamukela iRwanda emdlalweni ozocacisa indlela yaleli qembu lesizwe namathuba alo okuba yingxenye yeyoMhlaba ezokuba seMexico, Canada nase-United States of America (USA) ngonyaka ozayo.
Ngaphandle kweLesotho enikwe amaphuzu amathathu ayetholwe yiqembu likaHugo Broos kulandela iphutha lokudlalisa uTeboho Mokoena kungafanele, iBafana kayiyazi induku ku-Group C emidlalweni eyisishiyagalolunye. Ithole isibhaxu sika 2-0 kuphela kwiRwanda ekuqaleni kwemidlalo yokuhlunga .
Nakuba uRicardo Goss ongunozinti weBafana engazange alibeke ngembaba kodwa kuzwakale sengathi kunezinkulumo ezivela eRwanda ezikhomba ukuthi iBafana izokhala ngaphansi ngoba izivakashi zayo yizona kuphela esezike zayifaka induku kuleli qoqo.
UGoss ubekhuluma nethimba labezindaba eSouth African Football Association (Safa) ngabakulindele kulo mdlalo okumele bawunqobe noma yikanjani.
“Ukuzishaya isifuba kweRwanda ngokuthi iyona kuphela esasishayile kweyamaqoqo kuyasikhuthaza ukuthi siye kulo mdlalo ngokwazi ukuthi singamane sifele enkundleni kunokuthi singawuwini,” kusho uGoss.
“Kufanele ngabe imimoya iphansi ekhempini kulandela ukuphoxeka kwangoLwesihlanu oludlule kodwa bonke ozakwethu bakhombisa ukuzimisela engingazange ngikubone emakhempini adlule.
“Kumqoka ukuthi sinqobe kwiRwanda ukuze silinde into esiyaziyo kweminye imiphumela. Ukhiye wempumelelo kithina kuzoba wukuzinikela engikubona nengikuzwa emihlanganweni esiba nayo singabadlali.
“Ukwazi ukuthi sonke sibe nesandla ekutheni izwe lizithole selimince ngale ndlela kwenza sihlangane kakhulu ngenhloso yokujika leso simo.
“Abayaziyo iNingizimu Afrika bayabuqonda ubungozi bokubhekana neqembu lesizwe laseMzansi emdlalweni elisuke lingenawo uphawini wokuzithambisa kuwona."
IBafana imelwe wukunqoba ngendlela egculisayo kwiRwanda, bese ikhulekela ukuthi iNigeria iphazamise iBenin noma yingayiphi indlela inqobo nje uma lingagcinanga liqhwakele leli lizwe elisesicongweni okwamanje ku-Group C.