Umdlali weBafana ucele umkhuleko weNdebe yoMhlaba

Mthokozisi Mncuseni|Published

IBAFANA Bafana izodinga umkhuleko njengoba izobhekana neRwanda emdlalweni wokugcina wesigaba samaqoqo eMbombela Stadium, eNelspruit, ngoLwesibili

Image: SIGCINIWE

ISITOBHA seBafana Bafana neMamelodi Sundowns, uThapelo Morena, sifongqe isigqoko kubantu baseNingizimu Afrika ukuba bababeke emthandazweni ukuze imiphumela yemidlalo ka-Group C iqondane ngendlela ezoweza leli qembu likaHugo Broos.

IBafana inethuba lokuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eMexico, Canada nase-USA ezoba ngonyaka ozayo kodwa konke kuncike ekutheni inqobe kwiRwanda, iNigeria yehlule iBenin e-Uyo. 

IBafana izosonga iqoqo ngeRwanda ngoLwesibili ngo-6 ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit.

UMorena utshele ithimba leSafa labezindaba ngoMsombuluko ukuthi bawulungele umdlalo kodwa bayakuqonda ukuthi lokhu ngeke kusho lutho ngaphandle kwabalandeli.

“Siyakwazi okufanele sikwenze enkundleni futhi kulokhu ngeke sixhamazele njengoba senzile koweZimbawe,” kusho uMorena.

“Ukwenza kwethu okufanele kusengasishiya ngaphandle kweNdebe yoMhlaba yingakho ngifongqa isigqoko kubona bonke abakhulekayo ukuba basicelele ukuba sinqobe eNelspruit bese neminye imiphumela ivuna iBafana.

“Ngaphandle kwabalandeli asilutho, ngakho-ke sicela amandla okugcina kwabazophumelela enkundleni nakulaba abazobe benathi ngezinhliziyo umhlaba wonke."