UYaya uvule isifuba ngokulahla ithemba ngeBafana

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMDLALI wasesiswini weBafana Bafana, uSiphephelo Sithole, obuya ekulimaleni

Image: BACKPAGEPIX

UKUFANISA nesibusiso esivela kuMdali ukubuyela enkundleni ngokugcwele nokuba yingxenye yeBafana Bafana uSiphephelo “Yaya” Sithole obuya ekulimaleni akuchaze njengokucishe kwamlahlisa ithemba ngomdlalo awuthandayo.

USithole odlalela iC.D. Tondela yasePortugal, waphuka ngesikhathi iBafana ibhekene neSouth Sudan emdlalweni wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoSepthemba nyakenye.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala, usekhempini yeBafana eyenza amalungiselelo okugcina ngaphambi kokubhekana neZimbabwe emdlalweni kaGroup C weyokuhlungela iNdebe yoMhlaba. Umdlalo uzoba ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama, eMoses Mbhida Stadium, eThekwini.

Ekhuluma nethimba lezindaba leSouth African Football Association (Safa) uSithole odabuka oLundi, uvule isifuba ngobunzima abhekane nabo njengoba ebelimele.

“Okuseqhulwini wukubonga uMdali ngokungiphephisa kulokhu kulimala okucishe kwangilahlisa ithemba ngebhola, ngingasayibali eyokubuyela kwiBafana,” kusho uSithole.

“Ngenxa yendlela engalimla ngayo, kunezikhathi lapho kade sengikwamukele khona ukuthi kuphelile ngami ebholeni. Ngiswele wona amazwi okubonga kubona bonke abebengiduduza. 

“Indlela iBafana edlale ngayo ibingikhuthaza yize bekubuhlungu ukuthi akukho engingalisiza ngakho iqembu ngaphandle kokuhlala ku-whatsapp nabadlali ukuze ngizizwe ngiyingxenye (yalo).

“Okwenze ukulimala kubenzima kakhulu wukuthi okuningi ukwenza uwedwa. Ngenhlanhla ngibuyile eqenjini futhi ngivuselelekile ukufaka isandla ukuze sizothola ithikithi leNdebe yoMhlaba."

Akukho akubhekile uSithole ngaphandle kwewini koweZimbabwe ngoba yiwona ozocacisa okufanele bakulwele koweRwanda ngoLwesibili eMbombela Stadium, eNelspruit.

“Eqinisweni akadingeki umqeqeshi ngoba sonke siyakwazi okufanele sikwenze ukuze sizojabulisa iNingizimu Afrika ngokwenza okwagcina ukwenzeka eminyakeni engu-24 edlule,” kusho uSithole ejobelela ngokuthi bengabadlali babambe umhlangano wokubhunga ngokuqinisekisa ukuthi asala ngakubona amaphuzu amathathu eThekwini.