UMDLALI wasesiswini waMajita, uShakeel April, ongomunye wabathwele amathemba eNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba
Image: INSTAGRAM
KUSEKHONA amanye amagiya asengafakwa Amajita koweNdebe yoMhlaba yeFifa yabesilisa abaneminyaka engaphansi kwengu-20 eqhubeka eChile njengoba ezobhekana neColombia kwi-Last 16 ngoLwesithathu ngo-9.30 ebusuku e-Estadio Fiscal de Talca, eMaule.
Lokhu kushiwo ngumqeqeshi uRaymond Mdaka ethimbeni labezindaba leSouth African Football Association (Safa) ngoLwesithathu emini.
Ompetha base-Afrika bafike kulo mqhudelwano banqoba imidlalo emibili yamaqoqo. Bahlulwe yiFrance (2-1) kowokuqala, bathela isibhaxu kwiNew Caledonia (5-0), ngaphambi kokwehlula i-United States of America (2-1) kowokugcina.
IColombia ehlala ibalwa namaqembu athenjiwe kulo mqhudelwano, kweyalo iqoqo idlale ngokulingana neNorway (0-0) neNigeria (1-1) ngokwahlukana zase zinqoba ngo 1-0 kwiSaudi Arabia.
“Sesikwenze konke okufanele ukuba nomqondo ophelele ngokuthi singayehlula kanjani iColombia,” kusho UMdaka.
“Badlala kahle futhi bahlukile kunesibajwayele kodwa lokhu akusho ukuthi kazikho izimbobo esizibonayo ukuthi singangena ngazo kwiColombia.
“Siyiqembu elinalo lonke uhlobo lwabadlali ngakho-ke isikimu esizosibophela sizokwazi ukumelana nendlela yaseSouth America edlalwa yiColombia.
“Okunye okusemqoka wukuthi kusekhona amagiya leli qembu elingakafiki kuwona, ngakho-ke siya kwiColombia ngokuzethemba,” kusho uMdaka.
Izwe elizonqoba phakathi kweNingizimu Afrika neColombia lilindwe yiSpain kwi-quarterfinal kulandela ukunqoba kwayo ngo 1-0 kwi-Ukraine ngoLwesibili ebusuku.