MDUDUZI SHABALALA
Image: Isithombe:BACKPAGEPIX
SIVALWE ngoMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs isikhala esivuleke ngokuhoxa kukaRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates kwiBafana Bafana elungisela ukusonga u-Group C wemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo ezoba seMexico, Canada nase-United States of America (USA).
UMofokeng ukhishwe ngohlaka ngoMgqibelo ngesikhathi iPirates inqoba kwiSiwelele FC kwi-Last 16 yeCarling Knockout e-Orlando Stadium, eSoweto.
Umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, nguyena oqinisekise ukuhoxa kukaMofokeng nokubizwa kukaShabalala wengeza nokuthi uLyle Foster noSiphephelo Sithole balindeleke kusasa kwazise bebenemidlalo ngeSonto.
Lo mqeqeshi ugcizelele isidingo sokuyinqoba imidlalo emibili ebasalele.
“UShabalala uzovala isikhala sikaMofokeng. Isimo sethu asikashintshi yize siphucwe amaphuzu amathathu,” kusho uBroos kwabezindaba eDobsonville Stadium, eSoweto.
“Okushintshile yisibalo samaphuzu kodwa bekuvele kusimele ukunqoba imidlalo yethu yokugcina emibili.
IBafana izobhekana neZimbabwe ngoLwesihlanu ngo-6 ntambama, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngaphambi kokwamukela iRwanda ngoLwesibili ngo-6 eMbombela Stadium, eNelspruit, ngo-Okthoba 14.
“Ngokwezibalo, mane amazwe asenethuba kodwa sonke siyazi ukuthi izindawo ezibangwayo zimbili okwenza umdlalo weZimbabwe ube ngeminye yemqoka kusukela ngo-2021,” kuqhuba uBroos.
“Ingu-24 iminyaka iBafana yagcina ukuzifaka kwiNdebe yoMhlaba ngezithukuthuku zayo ngakho-ke akekho okufanele atshelwe ngobumqoka balo mdlalo.
“Uma singanqoba umdlalo weZimbabwe singazithambisela okuningi ngoba sizobe sesina-17 wamaphuzu. Lokhu kuzobe kuqeda amathuba eNigeria neRwanda kwazise bobabili bangaphela kuwona u-17 uma beyinqoba yomibili imidlalo yabo.
“Okuhle ngalokhu wukuthi uma la mazwe (iNigeria neRwanda) benqoba imidlalo yabo kuyobe kuzitolika ngokuthi iBenin ngeke iyinqobe eyayo emibili."