ABADLALI basesiwini kwi-Orlando Pirates neKaizer Chiefs oThalente Mbatha noThabo Cele bangase babhekane nawaseDRC ngokwahlukana emiqhudelwaneni yeCaf
Image: BACKPAGEPIX
AMATHEMBA ePremier Soccer League (PSL) oyizinkunzi zaseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, azokwazi ngoMgqibelo ozayo ukuthi yimaphi amaqembu azoma phakathi kwawo nokungena esigabeni samaqoqo seCaf Champions League neCaf Confederation Cup ngokwahlukana.
IPirates izibekisele indawo emzuliswaneni wokugcina weyokuhlungela ukungena kwesamaqoqo seChampions League ngoMgqibelo ngokunqoba ngo-7-0 kwiLioli FC yaseLesotho sekuhlanganiswe yomibili imilenze.
Lo mphumela kawuzange ugcine ngokuqinisa indawo yePirates esigabeni esilandelayo kodwa kufanele ukuba uthumele umyalezo nakulaba engase ibhekane nabo njengoba umqhudelwano uqhubeka.
Ezika-Abdeslam Ouaddou zilinde phakathi kweSaint Elio Lupopo yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ne-Al Merreick yaseSudan.
ILupopo eyaziwa eMzansi ngeVodacom Challenge, izibeke endaweni enhle ngokunqoba ngo 1-0 ngeledlule isekhaya. Owomlenze wesibili uzoba seSudan ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Ngempelasonto edlule, iKaizer Chiefs ilwe kwaze kwalunga ngesikhathi inqoba ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi ibhekene neKabuscorp S.C.P. yase-Angola kowokuhlungela isigaba esamaqoqo kwiConfed Cup.
Umdlalo weChiefs uphele ngo 1-0 okuwumphumela ofanayo nobutholwe yiKabuscorp ekhaya, kwadingeka kuyiwe kumaphenathi.
Lo mphumela weChiefs ewuthole ngegoli likaGlody Lilepo, uyinike igunya lokulinda iqembu elizonqoba phakathi kwe-AS Simba yaseDRC neDjabal d’Iconi yaseComoros.
Ngeledlule i-AS Simba enqobe ngo 1-0 kowomlenze wokuqala, ngoMgqibelo izodlala owesibili ekuhambeni.
Ezinye izithunywa zePSL kule miqhudelwano iMamelodi Sundowns neStellenbosch FC seziyawazi amaqembu ezizobhekana nawo esigabeni sokugcina sokuhlunga.
Ngenxa yemiphumela emihle eminyakeni edlule kwiChampions League nakwiConfed Cup kwiSundowns neStellenbosch, womabili la maqembu azongena esigabeni sesibili sale midlalo yokuhlungela eyamaqoqo.
ISundowns izobhekana neRemo Stars engompetha beligi yaseNigeria kowomlenze wokuqala wokuhlungela iChampions League ngo-Okthoba 17 ekuhambeni.
Nakuba leli qembu laseNigeria likhombise izimpawu zokuqina esigabeni sokuqala kweyokuhlunga kodwa akungatshazwa ukuthi itshe selizogaya ngomunye umhlathi kwazise sekungena izigayigayi zalo mqhudelwano.
IStellies emangaze abaningi ngesizini edlule icishe ilihamba lonke ibanga kwiConfed Cup ekubeni ibiyidlala okokuqala emlandweni, izoqala ekuhambeni ne-15 de Agosto de Akonibe yase-Equatorial Guinea ngawu u-Okthoba 17.