UNabi uphefumule ngeyokuhlukanisa neChiefs

Mthokozisi Mncuseni|Published

BESE siside isikhathi uNasreddine Nabi ehleli ngesinqe esisodwa kodwa kunganakekile emsebenzini wakhe kwiKaizer Chiefs

Image: BACKPAGEPIX

KUVELE izizathu eziholele ekutheni kugqabuke ifindo likasofa silahlane phakathi kukaNasreddine Nabi neKaizer Chiefs ngesikhathi lo mqeqeshi waseTunisia, ecashunwa ngabezindaba bangakubo eqinisekisa nokuthi kunamaqembu amakhulu ase-Afrika ameshelayo.

Esikhundleni sokujabulela ukubuyela emidlalweni yase-Afrika okokuqala eminyakeni emine, iChiefs igubuzelwe wungabazane ngokungacaci ngokuzokwenzeka kumbe osekwenzekile ngoNabi.

Nakuba siye koshicilela lo mbiko inkukhu isanqunywe umlomo kuMakhosi, ukuvela kwenkulumo kaNabi kwi-website yasenhla ne-Afrika eyaziwa ngele-WinWin.com kukuqede nya ukuqagela.

Yize kungacaci ukuthi kubangweni kodwa kugqame eyokungalungi ngesikhathi kwamaphepha avumela lo mqeqeshi ukuhlala ebhentshini emidlalweni yeCaf.

Usuku lwayizolo bekungolwesibili kuqale amahlebezi ngokugqabuka kwefindo phakathi kweChiefs noNabi.

Kule website, uNabi ugqamise ukuthi uhlukanise ngesihle neChiefs futhi akazukugxumela umsebenzi ngokushesha kepha uzochitha isikhathi nomndeni awuchaze njengomdingayo njengamanje.

Lo mqeqeshi osekuvela nokuthi ushelwa yi-Etiole Sportive du Sahel yaseTunisia, ukuvumile kule website ukuthi akhona amaqembu amakhulu ase-Afrika ameshelayo kodwa usazogxila ekunakeni impilo kankosikazi wakhe owalimala emasontweni adlule.

Esesonga, ugcizelelile nokuthi yize isikhathi sakhe kwiChiefs sibe yimpumelelo kodwa besinezingqinamba.

Akubukeki nokho iChiefs izoba nenkinga kangako ngozohlala ebhentshini ngoba elinye lamaphini kaNabi, uYoussef Ben Khalil, linawo amaphepha aligunyaza ukuhlala ebhentshini kweyeCaf.

Emasontweni adlule, uNabi uke wathatha ikhefu waya eTunisia ukuyoba seduze nonkosikazi wakhe okuthiwa wavelelwa yingozi.

Ngesikhathi engekho, amatomu abebanjwe nguBen Khalil noCedric Kaze abayinqobe yonke imidlalo abebebambe kuyona.

Ngendlela abenze kahle ngayo laba baqeqeshi abafika noNabi, kunengxenye yabalandeli beChiefs ebisifisa ukuthi kuqhubeke bona.

Kukhona konke okwenzekayo, kusemqoka nokho ukuqinisekisa ukuthi kawaphazamiseki amalungiselo omdlalo weChiefs neKabuscorp S.C.P. kusasa ngo-5 ntambama, e-Estadio 11 de Novembro, eLuanda.

Yize uNabi ehlulekile ukufaka iChiefs kwi-Top 8 kodwa uyohlala esemlandweni wayo ngokuyiqedela indlala yezicoco yeminyaka engu-10 ngokuwina iNedbank Cup.