UMQEQESHI weqembu lesizwe leNingizimu Afrika labafana abaneminyaka engaphansi kwengu-17 uVela Khumalo eshayela ihlombe abaqeqeshi baseMzansi emazingeni aphansi
Image: BACKPAGEPIX
KUTUSWE bonke abaqeqeshi baseNingizimu Afrika emazingeni aphansi ngokufaka isandla buthule ekutheni iqembu lakuleli labafana abaneminyaka engaphansi kwengu-17 lifeze iphupho lokuzibekisela indawo kwiCaf U/17 Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba ngonyaka ozayo eMorocco.
Lokhu kwenziwe ngumqeqeshi waMajimbos, uVela Khumalo, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kulandela ukuzifaka kweqembu lakhe kowamanqamu we-U/17 Cosafa Cup ngokubhubhudla iComoros ngo 7-0 ngoLwesine eHarare, eZimbabwe.
Kowamanqamu, Amajimbos avikela isicoco, azobhekana ne-Angola enqobe ngo 1-0 kwiMozambique khona ngoLwesine. Owamanqamu uzodlalwa namuhla ngo-2 ntambama, eNgoni Stadium, ekomkhulu laseZimbabwe.
UKhumalo uqhakambise isandla sabaqeqeshi abasebenza ngokwahlukana nabadlali okwakhiwa ngabo iqembu lesizwe akuchaze njengokumenzele umsebenzi waba lula.
“Indlela esifuna ukudlala ngayo iphoqa ukuthi sibendawonye isikhathi esiningi kodwa lokhu akwenzeki ngenxa yokuhlukana kwezindawo esihlala kuzona,” kusho uKhumalo.
“Kufanele ushayelwe elikhulu ihlombe umsebenzi owenziwa ngabaqeqeshi ngokwahlukana ngenhloso yokusiza iqembu lesizwe likwazi ukudlala ngale ndlela elifuna ukudlala ngayo.
“Imbudlu yamagoli esinqoba ngayo imidlalo iwubufakazi bokuthi abadlali bayakuqonda okufanele bakwenze nezikhathi okufanele bakwenze ngazo.
“Lokhu kukhomba isandla sabaqeqeshi abanganakiwe abasebenza nalaba badlali nsukuzonke nokuqonda kwabo indlela iNingizimu Afrika elidlala ngayo ibhola."
Amajimbos ne-Angola bazodlala owamanqamu ngokukhululeka kwazise sebevele bazibekisele indawo kwi-U/17 Afcon ezoba ngonyaka ozayo eMorocco.
Lisekhona ithuba lokuzibekisela indawo koyedwa phakathi kweComoros neMozambique kwazise banomdlalo wokubanga indawo yesithathu kwiCosafa Cup namuhla ngo-10 ekuseni khona eHarare.