Kukhona okusina kumjeqeza uCardoso kwiDowns

Mthokozisi Mncuseni|Published

UMIGUEL Cardoso onyamanambana kubalandeli beMamelodi Sundowns kufanele aqhamuke namaqhinga aphusile koweBetway Premiership neDurban City namuhla ekhaya

Image: ITUMELENG ENGLISH

AYANCIPHA amahlathi okucasha kumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, osenuka iqaqa kubalandeli baleli qembu laseChloorkop abamsola ngokuthi uyayihlakaza inqanawe ayifice ikhona ngesikhathi eqashwa ngo-10 Disemba nyakenye.

Lokhu kuphinde kwaqongiswa wumphumela womdlalo weBetway Premiership iSundowns ecazelane kuwona ngamaphuzu neMarumo Gallants ebambane nayo ngo 1-1 eBloemfontein phakathi nesonto.

Lo mphumela ushiye ezikaCardoso endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-15 emuva kwemidlalo eyisikhombisa.

ISundowns isele ngephuzu kwiSekhukhune United eqhwakele, kanti iphambili ngamabili kwiKaizer Chiefs elele isithathu.

Nakuba iSundowns ingakahlulwa kule sizini, okungenye yezinto uCardoso azivikela ngayo, kodwa kusobala ukuthi abalandeli kabeneme ngendlela iqembu elidlala ngayo.

ISundowns iwine imidlalo emine yeligi kweyisikhombisa, yadlala ngokulingana kwemithathu.

Ngokwabalandeli beSundowns abakhuluma ngokukhululeka ezinkundleni zokuxhumana, lokhu akwanele ngoba iqembu alidlali ngendlela abalazi ngayo.

“Kufanele axoshwe uCardoso ngoba ukukhipha kwakhe uRayners sidinga amagoli kube yicala elibomvu,” kusho uLebohang Mphahlele ku-X.

“Ukulwa kukaCardoso nabo bonke abantu kukhomba ukuphelelwa amaqhinga,” kusho uMnqobi Dube ekhasini lakhe le-tiktok.

“ISundowns kayisafani. Kubi lokhu ngoba kwenzeka ebuka uTlhopie (Motsepe),” kusho omunye umlandeli kwi-podcast (yabalandeli beSundowns).

Kulezi zinkulumo kuyavela nokuthi bahlaba uCardoso ngokukhishwa yi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weMTN8 osekungumlando ukuthi iphelele kwiBucs.

Ziyavela nezinkonondo ngabakuchaza njengokuyeka kukaCardoso isicoco seCaf Champions League ngokuvumela ukushaywa yiPyramids FC yase-Egypt.

Kukhona konke lokhu, uCardoso uhlale ezivikela ngokuthi nakuba isizini iqale ngezinkinga kodwa akasiboni isidingo sokuxhamazela ngoba iSundowns ayikahlulwa.

Njengoba isilungile indaba kaKhuliso Mudau, Peter Shalulile noLucas Ribeiro ongaseyona ingxenye yeSundowns, kuzohamba aphele amahlathi okucasha kuCardoso uma iSundowns izoqhubeka nokungabanelisi abalandeli bayo.

Ngesizini edlule yayinamaphuzu angu-15 emuva kwemidlalo yeligi eyisikhombisa, kodwa yayihlezi esicongweni.

Ngokujwayelekile, iSundowns isuke ishosholoza ngemidlalo yokuqala kwesizini kodwa kulokhu kucacile ukuthi izimbangi zilikhuphulile izinga okuyiphoqa ukuba izinuke amakhwapha ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokuhwebelana ngabadlali ngoMsombuluko.

 

Imidlalo yeBetway Premiership

Namuhla: Magesi FC vs Siwelele (3pm - Seshego Stadium), Sekhukhune United vs Golden Arrows (3pm - Peter Mokaba Stadium), Stellenbosch FC vs Richards Bay (5.30pm - Danie Craven Stadium), Mamelodi Sundowns vs Durban City (8pm - Lucas Masterpieces Moripe Stadium), Orbit College vs Marumo Gallants (8pm - Olympia Park).

Kusasa: Polokwane City vs Chippa United (3pm - Old Peter Mokaba Stadium).