IChiefs ayidikibele ngesomiso samagoli

Mthokozisi Mncuseni|Published

AKAZANGE akhombise izimpawu zokudikibaliswa yirekhodi elibi lamagoli leKaizer Chiefs omunye wababambe ibhentshi kuleli qembu laseNaturena uCedric Kaze ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngeCarling Knockout

Image: ITUMELENG ENGLISH

IREKHODI elibi lokuhluleka kweKaizer Chiefs ukushaya amagoli amabili noma ngaphezulu ngaphandle kowokuqala weBetway Premiership, kaliyihleli emahlombe njengoba ilungisela ukubhekana neStellenbosch FC kwi-Last 16 yeCarling Knockout kusasa ngo-3 ntambama, eCape Town Stadium, eKapa.

Lokhu kushiwo ngumqeqeshi, uCedric Kaze, obambe izintambo kwiChiefs noKhalil Ben Youssef.

IChiefs eyishaye kabili iStellenbosch kwiligi ngesizini edlule, ivule ngayo isizini iyixebula ngo 2-0. . Izoya eKapa inokuzethemba ngenxa yalo mlando kodwa imiphumela yakamuva ikhomba ukuthi inenkinga ngokushaya igoli lesibili njengoba kwenzekile ibhekene naMaZulu FC koweligi maphakathi nesonto.

Ngokomdlalo nangokwamathuba, iChiefs bekumele iwunqobe ngembudlu owoSuthu kodwa bagcina becazelana ngamaphuzu ngenxa yalesi sifo esesiyixine izinyanga.

Kusukela iChiefs yanqoba ngo 2-1 kwi-Orlando Pirates kowamanqamu weNedbank Cup ngoMeyi, leli qembu laseNaturena alikaze liwashaye amagoli amabili noma ngaphezulu uma libhekene nezimbangi eziphelele enkundleni.

Amakhosi agcina ukushaya inethi kabili emdlalweni wokuvula isizini ngesikhathi ehlula iStellenbosch ngo 2-0 eyayisidlala ngabadlali abangu-10. 

Ngokusho kukaKaze konke lokhu kuzolunga ngoba basebenza ubusuku nemini ukuguqula lesi simo.

“Emdlalweni waMaZulu sifike emapalini amahlandla angu-22 okuyizibalo ezinhle uma uzokhumbula ukuthi sisuka kuphi njengeqembu,” kusho uKaze.

“Ezinyangeni ezedlule besinenkinga yephasi yokugcina kodwa akusenjalo kepha sekuba wubuhlakani bukanozinti obusivimbayo noma kube yibhadi nje.

“Ngiyaqonda ukuthi kunzima ukuzithethelela ngalokhu kugqoza kwamagoli kodwa akusona isimo okufanele sisinake kakhulu ngoba izimpawu zokuthi siyalunga zisobala."

Yize iChiefs ibibalwa namaqembu ayiqale kahle isizini kodwa kunzima ukuziba ukuthi ngaphandle kuka 2-0 kwiStellies eyakhishelwa umdlali ngekhadi elibomvu umdlalo unemizuzu engu-13 uqalile, leli qembu alikaze lishaye amagoli amabili noma ngaphezulu emidlalweni engu-14 ngokwahlukana kwemiqhudelwano kusukela kowamanqamu weNedbank.

Kukona konke obekushiwo nguKaze, ubelokhu ekugcizelele njalo ukubaluleka nokungayinaki imiphumela yeStellenbosch kwiligi.

 

Imidlalo yeCarling Knockout kule mpelasonto:

Namuhla: Orbit College v TS Galaxy (3pm, Olympia Park), Orlando Pirates v Siwelele (3pm, Orlando Stadium), Lamontville Golden Arrows v Sekhukhune United (6pm, Lamontville Golden Arrows), Mamelodi Sundowns v Marumo Gallants (8pm, Lucas Moripe Stadium).

Kusasa: Richards Bay v Chippa United (3pm, Richards Bay Stadium), Stellenbosch FC  Kaizer Chiefs (3pm, DHL Cape Town Stadium), AmaZulu v Magesi FC (6pm, Moses Mabhida Stadium).