UMQEQESHI weLiverpool FC u-Arne Slot
Image: AFP
ABAQEQESHI obekunesasasa ngabo ngaphambi kokuqala kwesizini ye-English Premier League, u-Arne Slot weLiverpool FC no-Enzo Maresca weChelsea FC banethuba lokudambisa ulaka lwabalandeli ngomunye njengoba la maqembu ezobhekena namuhla ngo-6.30 ntambama, eStamford Bridge, eLondon.
USlot waseNetherlands udle isicoco seligi ngesizini yakhe yokuqala kwiLiverpool, uMaresca odabuka e-Italy waqukula i-Uefa Conference League neFifa Club World Cup naye ngeyakhe yokuqala.
Le sizini iqale kubhekwe lukhulu kula maqembu kwazise nasemakethe yabadlali abalwa nangene egamanxa njengoba bekuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabo.
Kuqale kahle kwiLiverpool enqobe imidlalo yayo yokuqala eyisikhombisa kulandelana emiqhudelwaneni ehlanganisa iPremier League, Uefa Champions League neCarabao Cup.
U-ENZO Maresca oqeqesha iChelsea FC
Image: AFP
Bekungelula nokho ukuziba ukuthi inqwaba yale midlalo eyisikhombisa enqotshwe yiLiverpool ilandelana, bekuba ngamagoli angena ngemizuzu yokugcina.
Nakuba iLiverpool ishiywe ngabadlali abebemqoka kuyona kodwa evale ngabo izikhala babalwa nababiza cishe kunabo bonke emhlabeni njengoFlorian Wirtz, Hugo Eketike no-Alexander Isak.
ILiverpool ivakashela iChelsea nje, isuka endukwini emidlalweni emibili ilandelana. Ishaywe yiCrystal Palace neGalatasaray kwiPremier League neChampions League ngokwahlukana.
Lokhu kufanele ukuba kuyayikhuthaza iChelsea edonsa kanzima uma uyiqhathanisa neLiverpool kwazise yona inanenkinga yokuhluleka wukugwema amakhadi abomvu.
IChelsea isele ngamaphuzu ayisikhombisa kwiLiverpool kwazise leli qembu laseLondon lisaphumelele ukuthola iphuzu emidlalweni yalo emithathu edlule kwiPremier League.
Okusobala ngeChelsea wukuthi ukungaphumuli kwayo ngenxa yeFifa Club World Cup nokuhluleka wukuziphatha, kulenzela phansi leli qembu likaMaresca okufakazelwa wukulimala kwabadlali abamqoka njengoLevi Colwill, Cole Palmer noLiam Delap.
Nakuba ebuya esigwebeni sekhadi elibomvu unozinti, uRobert Sanchez, kodwa ngeke abekhona namuhla uTrevor Chalobah kwazise wakhishwa ngelibomvu kowokugcina wePremier League bebhekene neBrighton & Hove Albion.