Umgadli weChiefs ubhodla ngokumkhiphe esikimini

Mthokozisi Mncuseni|Published

UWANDILE Duba ongumgadli weKaizer Chiefs akadikibele njengoba ijezi limeqa ekhona kepha ukhuthazekile ukusebenza nakakhulu

Image: BACKPAGEPIX

UMGADLI weKaizer Chiefs oseyinjejane, uWandile Duba, akadingi ukutshelwa ngokufanele akwenze ukuze abuyele esikimini saleli qembu laseNaturena elizobhekena naMaZulu FC emdlalweni weBetway Premiership kusasa ngo-7.30 ebusuku e-FNB Stadium, eNasrec.

Amakhosi amelwe wukubuyisela inqola emgqeni kwiligi kulandela ukushaywa kwawo yiSekhukhune United ngo 3-1 ngaphambi kweyeCaf Confederation Cup eyidlale neKabuscorp SCP yase-Angola.

UDuba ungomunye wabagadli beChiefs abebengasali esikimini ngesikhathi isabalwa namaqembu ayiqale kahle isizini kodwa amagalelo akhe awazange abonakale kangako kwazise emidlalweni emihlanu akashayanga nelokubika igoli. Kunalokho wakhele uzakwabo elilodwa kuphela.

Sekuwumlando ukuthi uDuba uselizwa ngendaba ijezi kusukela iChiefs ilande uKhanyisa Mayo eyengeze ngaye phezu kuka-Etiosa Ighodaro, Ashley du Preez, Tashreeq Morris noFalvio da Silva.

Lo mdlali okuziphumelayo kuyena uma emi phambi kwabezindaba, ukwamukele ukuthi abaqeqeshi bamshiya ngaphandle kufanele kwazise izibalo ziyamphika.

“Okufunwa ngumqeqeshi abagadli abashaya amagoli okuyinto uMayo noFlavio asebeyenzile ngakho-ke ngiyaqonda ukuthi nami kufanele ngenze okufanayo uma nginikwa ithuba,” kusho uDuba.

“Angizange ngiyiqale kahle isizini yingakho ngingazange ngithuke kumbe ngidikibale uma ngibekwa ngaphandle. Engikwethembisayo wukuthi ngeke ngiyeke ukusebenza kanzima ukuze ithuba lami lingifice ngikulungele ukulithatha ngazo zombili.

“Kuyangisinda ukuthi kangiwashayi amagoli ngoba ngidlalela iChiefs okuyinqembu okulula ukuthi kube wumthwalo kumdlali uma engakwenzi lokhu alandelwa khona.

“Akuyona imfihlo ukuthi ukweqiwa yimidlalo embalwa ungayibhakuzisile inethi uwumgadli kukuqhatha nabalandeli. Akudlalwa kwiChiefs. Imidlalo embalwa ushaya udaka abalandeli bakucela ngaphandle.

“Umbango wesikimu ushubile kithina sonke abagadli ngakho-ke ngililungele ithuba nokuqala ngibhakuzise inethi uma ngizwiswa kolandelayo naMaZulu.

“Akusho lutho ukuthi AmaZulu ashayiwe kowawo odlule kodwa ngoba abhekene neChiefs nakanjani azolenyusa kakhulu izinga, okusiphoqayo ukuthi sizibambe ziqine."