ESINYE sezilomo ezintsha zeKaizer Chiefs uKhanyisa Mayo okusazothatha isikhathi ukuthi sibonakale kwiCaf Confederation Cup
Image: KC/Facebook
USAZOQHUBEKA "umlindelo" ngokubonakala kwezinsephe ezintsha zeKaizer Chiefs emidlalweni yeCaf Confederation Cup, edlulele kuyona emzuliswaneni olandelayo kodwa kuyethembisa ngokubuya kwabalimele kwiBetway Premiership ababuyela kuyona ngoLwesithathu.
IChiefs inqobe inqobe ngo 5-4 kwiKabuscorp S.C.P yase-Angola kowomlenze wesibili ophele ihamba phambili ngegoli likaGlody Lilepo ngoMgqibelo e-FNB Stadium, eNasrec. Umdlalo uphele zibambene ngo 1-1 kwazise womabili la maqembu ayinqobe ngo 1-0 eyasekhaya.
Lo mphumela udlulisela iChiefs emzuliswaneni wesibili okungowokugcina wokuhlungela ukuzibekisela indawo esigabeni samaqoqo seCaf Confederation Cup.
Nakuba lingakaziwa iqembu elizobhekana neChiefs kulo mzuliswano ozodlalwa maphakathi nenyanga ephezulu kodwa Amakhosi azoqhubeka nokuya kule midlalo ngaphandle kwezinduku azisayinise ngasekugcineni kwewindi lokuhwebelana ngabadlali.
Ngokusho kukaCedric Kaze ongelinye lamabamba kwiChiefs, sebeyoze bakwazi ukubhalisa abadlali uKhanyisa Mayo, Etiosa Ighodaro noLebohang Maboe uma sebedlulele esigabeni samaqoqo.
Kuyaqapheleka nokho ukuthi laba badlali abathathu yibona abangaba yisixaxululo enkingeni yokushaya amagoli ehlasele iChiefs kwazise banomlando wokushaya inethi emaqenjini abebewadlalela .UMayo usekukhombisile lokho ngegoli elishayele Amakhosi ngesikhathi ebanjwa yiMarumo Gallants ngo 1-1 koweligi emasontweni adlule.
“Kuliqiniso ukuthi besingenza kangcono kulo mdlalo kodwa okusemqoka wukuthi sikwenzile obekumi phambi kwethu ngokudlulela esigabeni esilandelayo,” kusho uKaze esithangamini nabezindaba e-FNB Stadium.
“Kusobala ukuthi indaba yokuyekwa kwamathuba alula isazohlala nathi njengoba nakulokhu kwenzekile kodwa asidikibele ngokuqhubeka nokusebenza kanzima ngenhloso yokujika lesi simo.
“Abadlali esingangabazi ukuthi bangaba yimpendulo kithina njengoMayo, Maboe no-Ighodaro asivumelekile ukubasebenzisa kwazise uphawini wokubafaka ohlwini lwabadlali esiluyisa kwiCaf uzoze uvuleke uma sekuqala imidlalo yamaqoqo."
Lo mqeqeshi uthembisile nokho ukuthi bangase babonakale maduze abanye abadlali okunguThabiso Monyane, Paseka Mako noSiphesihle Ndlovu abebelimele.
IChiefs izobuyela enkundleni isiyobhekana naMaZulu FC emdlalweni wePremiership ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku, e-FNB Stadium.