UHunt nenselelo kuMahlambi ozama inkontileka kwiDurban City

Sibusiso Mdlalose|Published

UMGADLI uPhakamani Mahlambi ozama inhlanhla kwiDurban City ngaphansi komqeqeshi wakhe wakudala uGavin Hunt

Image: Isithombe:BACKPAGEPIX

UGAVIN Hunt, ongumqeqeshi weDurban City, ukubeke ezandleni zikaPhakamani Mahlambi ukuzibuyisela ebholeni njengoba ezama inhlanhla kuleli qembu.

UMahlambi (27), owayengomunye wabadlali abancane abaseqophelweni eliphezulu eMzansi eminyakeni edlule, kuvele ukuthi uziqeqesha neCity ngenhloso yokuthola inkontileka emuva kweminyaka emithathu enyamalele ebholeni. Lo mdlali waseNgoje, eVryheid, wazakhela igama edlala kwiBidvest Wits ngaphansi kukaHunt okunguyena owamenyusela esikimini esikhulu ngo-2015. Emuva kweminyaka emithathu, wadayiselwa i-Al Ahly yase-Egypt ngezizumbulu zemali. Izinkinga zaqala ukuvela ngesikhathi esebuyile eMzansi, esedlalela iMamelodi Sundowns, lapho kwasabalala khona ukuthi unenkinga yophuzo oludakayo. Lokhu kwaqhubeka ngisho esebolekiswe kuMaZulu, agcina emkhombe indlela ngenxa yawo amankwebevu. Emuva kokumbolekisa kwiChippa, iSundowns yagcina imxoshile ngo-2022.

"Ngeke avuswe yimi, kuzomele azivuse yena. Mina ngimnika ithuba njenganoma yimuphi umdlali webhola. Sekuzoba sezandleni zakhe ukuthi uyalisebenzisa yini ithuba anikwa lona. Usemncane, kuningi asengakwenza," kusho uHunt.

"Wayengumdlali ommcane othembisayo kakhulu eNingizimu Afrika ngimdlalisa njengomgadli, waze waya kwi-Al Ahly, samdayisa ngezigidi zamarandi. Wabuya waya kwiSundowns. Ngabuya ngamlanda sengikwiChippa, kodwa walimala. Usebuye kaningi ukwedlula George Foreman (umshayisibhakela). Usengabuya namanje."

UMahlambi uzama ukubuya ebholeni nje, sekunesasasa ngomfowabo, uSeluleko "Phara" Mahlambi (20), odlalela iTS Galaxy. USeluleko odlala ezinhlangothini, usebuya emaqenjini amaningi okukhona kuwona AmaZulu neCape Town City adlale kuyona kwiDStv Diski Challenge (DDC). Ujoyine iGalaxy ngesizini edlule, wadlala kwiDDC, njengoba esenyuselwe esikimini esidlala kwiBetway Premiership.