Izihibe ngaphambi kokhetho lweNetball SA

Xolile Mpisane|Published

UMENGAMELI weNetball SA osamisiwe uCecilia Molokwane

Image: BACKPAGEPIX

KUNGENZEKA ukhetho lweNetball South Africa (NSA)  lwenzeke kunezinkulumo njengoba kungakacaci ngesimo sikamengameli osamisiwe, uCecilia Molokwane.

UMolokwane osehole iNetball SA amahlandla amabili, umemezele ukuthi uzobuyela esikhundleni sakhe ngokushesha phezu kokuba iWorld Netball nale nhlangano yasekhaya isamile ekutheni usamisiwe.

Lo mbango uqhubeka nje, kuhlelwe ingqungquthela yokukhetha ubuholi obusha ngempelasonto.

UMolokwane wamiswa yi-World Netball ngo-Ephreli nonyaka ngezinsolo zokuphambana neminye yemithetho yale nhlangano.

Ngesonto elidlule, ubize isithangami nabezindaba ePolokwane lapho edalule khona ukuthi akasakushayi ndiva ukumiswa yiWorld Netball, nokuthi usesishiyile isikhundla sakhe ebhodini lale nhlangano eyengamele i-netball emhlabeni.

“Ngizobuyela emsebenzini wami ngokushesha. Sengisulile kwi-World Netball futhi angisalawulwa iyona. Ngavotelwa ukuthi ngibe ngumengameli weNetball SA, ngakho-ke iyona enegunya lokungisusa kulesi sikhundla,” usho kanje uMolokwane.

“Sengimiswe izinyanga eziyisithupha. Lena akuyona inqubo yophenyo kodwa yisijeziso. Ngisho nangemva kokuba umengameli weSascoc ethe lolu daba luzophothulwa emasontweni ayisikhombisa, akuzange kwenzeke.”

Nokho, isitatimende esikhishwe yiNetball South Africa sithe ngokwazi kwale nhlangano uMolokwane usamisiwe futhi ngeke akwazi ukuzimatanisa nezinto ezithinta i-netball kunoma yiliphi izinga.

Kuvela ukuthi isinqumo sokugcina mayelana nalolu khetho okuhlelwe ukuthi lube ngoMgqibelo sizothathwa emhlanganweni we-netball SA ozoba ngoLwesihlanu.

Njengamanje abazobanga isikhundla sokuba ngumengameli nguDiale, Nompumelelo Javu ongumengameli we-Eastern Cape Netball, nongumqondisi wezokuqeqesha kwiNetball SA, u-Annelie Lucas.

UMolokwane waqokwa okokuqala njengomengameli weNetball SA ngo-2017, waphinde wabuyiselwa kulesi sikhundla ngo-2021.

Ngokomthethosisekelo weNetball SA, uvumelekile ukuthi aphinde aphathe lesi sikhundla okwesithathu.

Esitatimendeni esisanda kukhishwa yi-World Netball iveze ukuthi uphenyo oluthinta uMolokwane lusaqhubeka.

Ithe konke okutholwe ophenyweni lokuqala sekudluliselwe ophikweni lwabehluleli abazimele.