U-GLENROSE Xaba ophinde waphuma phambili emjahweni wokugcina weSPAR Grand Prix eGoli.
Image: SITHUNYELWE
USHIYE abanye abasubathi bejaha izintuli zakhe uGlenrose Xaba ngesikhathi enqoba umjaho wokugcina weSPAR Women’s 10 km Grand Prix eGoli, izolo.
UXaba (30) ogijimela iBoxer Athletics Club, udle umhlanganiso eMarks Park Sports Club ngo-33:07. UDiniya Abaraya (Nedbank) wase-Ethiopia, ulale isibili ngo-33:42, kwathi u-Irvette van Zyl (Hollywood) walala isithathu ngo-34:35.
UXaba uqale lo mjaho azi ukuthi usevele ungumpetha weGrand Prix ngemuva kokunqoba imijaho emine yokuqala eKapa, eThekwini, eTshwane naseGqeberha.
Ukunqoba lo mjaho wokugcina kusho ukuthi ushaye intambo kuyona yomihlanu imijaho kulo nyaka, nokuyinto angakwazanga ukuyenza ngodlule njengoba engawunqobanga owaseThekwini.
“U-Irvette usenze sawuqala ngesivinini umjaho futhi ngiyabonga ngalokho. USelam (Gebre) noDiniya nabo benze sagijima ngesivinini esiphezulu cishe kwaze kwaphela amakhilomitha amane. Ngemuva kwamakhilomitha ayisithupha, ngivele ngagxila ezikhathini zami nasendleleni yami yokugijima,” kusho uXaba.
“Ngijabule kakhulu ngokuba ngowokuqala waseNingizimu Afrika onqobe yonke imijaho emihlanu kwiSPAR Grand Prix kulo nyaka, nangokunqoba iSPAR Grand Prix okwesithathu.”
Ngaphambi kokudla umhlanganiso kwiGrand Prix kulo nyaka, uXaba ubeyiwine nyakenye nango-2018.
Abanye abagijimi asebeke banqoba isicoco seGrand Prix kathathu ngoRene Kalmer no-Irvette van Zyl baseNingizimu Afrika, Tadu Nare wase-Ethiopia noHelalia Johannes waseNamibia.
Isikhulu seBoxer Athletics Club, uRhyn Swanepoel, sihalalisele uXaba ngokushanela yonke imijaho yeSPAR Grand Prix yanonyaka nokukhombisa ukuthi usengumsubathi ohamba phambili kuleli.
“Siyamhalalisela uGlenrose ngokunqoba yonke imijaho yalolu chungechunge lweSPAR kulo nyaka. Uma sibheka imijaho engu-10 egijinyiwe kulo nyaka nangodlule, yena unqobe eyisishiyagalolunye, okuyinto emangalisayo,” kusho uSwanepoel.
“SiyiBoxer Athletics Club siyaziqhenya kakhulu ngokuba nomsubathi ofana naye kanye nabanye ompetha abangaphansi kweqembu lethu. Siyethemba ukuthi sizoqhubeka nokwenza kahle ngonyaka ozayo.”
Related Topics: