Ziyaqhubeka nokundlondlobala izibalo zokuthengwa kwezintsha

Fanelesibonge Bengu|Published

IToyota izihola phambili ngokudayisa izimoto eziningi ezintsha ngoSepthemba

Image: Sithunyelwe

SIYAQHUBEKA nokunyuka isibalo sabathenga izimoto ezintsha njengoba ezangoSepthemba zibe phezulu ngendlela eyagcina ukubonakala ngo-2015.

Ngokwezibalo ze-naamsa. Kuthengwe izimoto ezingu-54 700 ngoSepthemba. Ithe lesi yisibalo esagcina ukubonakala ngoSepthemba 2015.

Lokhu kulandela ezango-Agasti lapho kwadayiswa ezingu-51 800 nokwaba yisibalo esiphezulu esagcinwa ngo-Okthoba 2019.

Izibalo zangoSepthemba zinyuke ngo-10 700 noma u-24.3% uma kuqhathaniswa no-44 000 owadayiswa ngenyanga efanayo ngonyaka odlule.

Kuzona zonke izimoto ezingu-54 700 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-43 817 noma u-80.1% zithengwe emagaraji, ezilinganiselwa ku-15.2% zithengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.7% kube ngowezinkampani kuthi u-2% wathengwa uhulumeni.

Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi:

  1. Toyota – 14 146
  2. Suzuki Auto – 6 072
  3. Volkswagen Group SA – 5 763
  4. Ford Motor Company – 3 093
  5. Hyundai Automotive South Africa – 3 005
  6. GWM SA – 2 620
  7. Isuzu Motors South Africa – 2 478
  8. Chery Auto South Africa – 2 264
  9. Kia South Africa – 1 706
  10. Mahindra – 1524
  11. Renault – 1 376
  12. Nissan - 1 362
  13. BMW Group – 1 220
  14. Omoda and Jaecoo South Africa – 1 201
  15. Stellantis - 848