IToyota izihola phambili ngokudayisa izimoto eziningi ezintsha ngoSepthemba
Image: Sithunyelwe
SIYAQHUBEKA nokunyuka isibalo sabathenga izimoto ezintsha njengoba ezangoSepthemba zibe phezulu ngendlela eyagcina ukubonakala ngo-2015.
Ngokwezibalo ze-naamsa. Kuthengwe izimoto ezingu-54 700 ngoSepthemba. Ithe lesi yisibalo esagcina ukubonakala ngoSepthemba 2015.
Lokhu kulandela ezango-Agasti lapho kwadayiswa ezingu-51 800 nokwaba yisibalo esiphezulu esagcinwa ngo-Okthoba 2019.
Izibalo zangoSepthemba zinyuke ngo-10 700 noma u-24.3% uma kuqhathaniswa no-44 000 owadayiswa ngenyanga efanayo ngonyaka odlule.
Kuzona zonke izimoto ezingu-54 700 ezidayisiwe, ezilinganiselwa ku-43 817 noma u-80.1% zithengwe emagaraji, ezilinganiselwa ku-15.2% zithengwe yizinkampani eziqashisa ngezimoto, u-2.7% kube ngowezinkampani kuthi u-2% wathengwa uhulumeni.
Izinkampani ezidayise kakhulu yilezi: