IPHINI likasihlalo wamatekisi aseBenoni, eGauteng lifisa yande imbokodo embonini yamatekisi.
UNksz Thembi Magubane (44) udabuka eNquthu kodwa uzinze eGauteng, uthi lesi yisikhathi sokuthi abesifazane bangene ngobuningi kule mboni.
“Yimboni ewumgogodla wesizwe le kodwa eshoda ngabesifazane,” kusho uNksz Magubane.
Nakuba esesikhundleni esiphezulu kanje uthi akubanga lula neze ukufinyelela phezulu.
Konke lokhu uthi kube ngenxa yezinselelo abhekane nazo kusukela eneminyaka engu-16 ethola ingane.
“Ukushesha ngithole ingane kungenze ngaqina ukhakhayi, ngakwazi ukubhekana nezinselelo eziningi ontanga yami ababengakafaneli ukubhekana nazo.”
Uthe lokho kumphoqe ukuba azibambe ziqine empilweni.
Ukuze ingane ikhule, wama ukufunda watholelwa umsebenzi efemini. Uze waphothula * -matric eseqashe emjondolo, eDayveton futhi esekhulile ngeminyaka.
Uqale izifundo zobuhlengikazi kodwa wabuye wayeka ngenxa yezingqinamba ekhaya.
“Ngibonile ukuthi angilutho ngaphandle kwemfundo, ngaphindela esikoleni ngiyofunda i-computer, ngayiphasa kodwa kwaba nzima ukuthola umsebenzi,” kuchaza uNksz Magubane.
Lokhu kumphoqe ukuba aqale adayise izikhwama kodwa wabona lingachuma ibhizinisi.
“Ngathatha uR200 enganginawo ngathenga ibhakede eliwu-20 Litre le-Atchar.
Ngangibona ukuthi abantu bayayithanda futhi iyathengwa ngeke inginike inkinga. Ngangithi ngiphuma ngishona le ngiyodayisa nendodana yami ingilandle iyodayisa,” echaza.
Uthe kwamthatha izinyanga ezimbilili ukulidayisa liphele kodwa lazala amanye amabili. Uthi ibhizinisi lase liqala lishesha nabantu sebemazi, ikakhulukazi erenke.
Kuthe kusahamba kahle ebhizinisini kwashona ugogo wakhe, uNkk Christina uMaNdlovu Mabaso, owamupha umuzi onamakamelo amane, impilo yaba ngconywana.
“Ngo-2007 ngadayiselwa ngomunye umuntu iveni iCorsa, eyawenza lula umsebenzi. Ngaqala ngadayisa amalahle nenyama.”
Wezwa ngokudayiswa kwekhumbi iHi Ace wayithenga ngoR18 000 wayikhanda yafakwa emgwaqweni, ihambela phakathi kweDayveton neBenoni.
“Leyo tekisi isizale ayishumi nezimoto ezincane ezimbili.”
Ngo-2014 uqokwe ukuphatha isikhundla sokuba ngusihlalo wehhovisi lezikhalo ematekisini aseBenoni njengoba eseyiphini likasihlalo manje.
Ngaphandle kweqhaza alibambe ematekisini, uNksz Magubane ungumculi wokholo osekhiphe ama-albhamu amathathu ngempumelelo.
“Ngiyamthanda uJesu ngokuhlenga impilo yami nokungisusa ekuhluphekeni engike ngabhekana nakho. Umculo uyindlela yokubonga ukungihlenga kwakhe.”
UNksz Magubane unezingane ezimbili, akashadile yize eke walotsholwa.