Impilo Yabantu Intandokazi

Usebenzisa ubuchwepheshe ukufukula izinkampani ezisafufusa

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Nandisa Ngubelanga ongumnikazi we-Innohance Digital, inkampani yasePort Shepstone, esiza amabhizinisi ngezobuchwepheshe

Image: SITHUNYELWE

AKUWONA wonke umuntu oqonda nokwazi ukusebenzisa ezobuchwepheshe besimanjemanje ukusabalalisa umkhiqizo awudayisayo, nokukhangisa ibhizinisi lakhe ukuze lazeke futhi lisabalale kalula futhi lifinyelele ebantwini abaningi.

Ungenelela lapho uNksz Nandisa Ngubalenga ngebhizinisi lakhe lezobuchwepheshe i-Innohance Digital nonhloso yalo wukusiza izinkampani ezisafufusa ukufinyelela kalula emakhasimendeni.

UNksz Ngubelanga waseMargate, ePort Shepstone, uthe uqale leli bhizinisi ngo-2019, esahlala e-Asia, njengoba kule minyaka edlule eke wahlala eVietnam naseChina, lapho ebenza khona umsebenzi wokuzisiza ukuthola abantu abakhonze ukuvakasha ukuthola izindawo abangavakashela kuzona.

Uthe umsebenzi wakhe wansuku zonke wukwakha ubudlelwano nosomabhizinisi abehlukene ukuthi abazise ngomsebenzi awenzayo, bese esiza labo asebevele bazi ngomsebenzi wakhe ukubacebisa ngamasu obuchwepheshe bokufukula ibhizinisi.

UNKSZ Nandisa Ngubelanga ongumnikazi we-Innohance Digital, inkampani esiza amabhizinisi ngezobuchwepheshe

Image: SITHUNYELWE

“Ngigxile kakhulu ekusizeni amakhasimende adinga ukulekelelwa ngobuchwepheshe bokumele akwenze ukuthuthukisa amabhizinisi awo, bese ngiqhamuka nezindlela namasu okuwatholela amakhasimende emabhizinisini awo. Ngale kwalokho, ngiqeqesha abantu abanamabhizinisi ukuthi ibhizinisi liqhutshwa kanjani ukuze likhule,” kulandisa yena.

Uthe ziningi izinselelo abhekana nazo kuleli bhizinisi, kubalwa ukuthwala kanzima ukuthola amakhasimende - okube yinkinga kakhulu ngabo-2021, kangangokuthi wake wama kancane kulona, wabuyela emsebenzini wakhe ayevele ewenza esalanda amandla okuqhubeka.

“Wuhlobo lwebhizinisi eligcwele ukuncintisana kakhulu kanti futhi kubuye kube nzima kakhulu kimina ngoba ngiwumuntu wesifazane osemusha futhi omnyama ngebala. Izinkampani eziningi ezidinga ukwenzelwa umsebenzi wami zijwayele abantu besilisa futhi bebala elimhlophe, okudinga ukuthi usebenze kanzima ngokuphindiwe ukuze uzozakhela ukuthembeka nokuthandeka emakhasimendeni angakwazi,” kusho uNksz Ngubelanga.

Ngale kwe-Innohance, uNksz Ngubelanga ugabe nangeziqu zemfundo ze-Bachelor of Social Sciences in Legal Studies and Criminology yaseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, Post Graduate Diploma in Information Technology Management yaseMancosa kanti uvele uhlela ukuqhubekela kwi-Master’s in Computing and Technology.

Ebuzwa mayelana nezinhlelo zengomuso uthe: “Ngifisa ukuthi ibhizinisi lami lizinze futhi likhule kulokhu eliyikhona manje, ngigcine ngisebenzisana nezinkampani ezinkulu kanjalo nezinhlaka ezahlukene kuhulumeni, bese ngifundisa abantu ngezobuchwepheshe.”