Impilo Yabantu Intandokazi

Ukugula kukanina kumvulele ibhizinisi eliwusizo

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Nqobile Mgwaba umnikazi we-Flavors of Home Spices, ibhizinisi elenza imikhiqizo yama-spice elizinze eManzimtoti, eningizimu yeTheku

Image: SITHUNYELWE

UKUGULELWA wumzali nanoma wubani omunye umuntu omthandayo nobalulekile empilweni yakho yisimo esibi, kokunye esingakuphoqa ukuthi wenze okusemandleni akho ukusilungisa ukuthi sibe ngcono kakhulu kunesingabe siyikhona.

Kwaba njalo nakuNksz Nqobile Mgwaba ngenkathi egulelwa ngunina ngo-2022, athola ukuthi unesifo sama-ulcer. Lokhu kwaphoqa ukuthi enze imizamo yokumsiza ukuthi isimo sibe ngcono futhi singabhebhetheki, wagcina eqala ibhizinisi ayengaliqondile.

UNksz Mgwaba, odabuka KwaMaphumulo, kodwa osezinze eManzimtoti, eningizimu yeTheku, wumsunguli weFlavours of Home Spices, ibhizinisi lakhe lemikhiqizo yezinongo ehluke ngokuthi ilungele ukuthi idliwe nangabantu abanenkinga yesifo sama-ulcer, esihlupha ngokuthi siyadlebeleka uma udla ukudla okubabayo kakhulu.

UNKSZ Nqobile Mgwaba, umnikazi we-Flavors of Home Spieces, ibhizinisi elenza imikhiqizo yama-spice elizinze eManzimtoti

Image: SITHUNYELWE

Uthe leli bhizinisi waliqala ngokuzihlupha ngolwazi lokuthi mikhiqizo mini angayihlanganisa okuzothi uma unina eyidla ingamphazamisi  kulesi simo esimphethe, waqala lapho ukuthaka ama-spice ehlukene, aqala ukuwasebenzisa emndenini nasezihlotsheni zakhe.

“Kwathi ngisanda kuqala nje, bangincoma kakhulu ekhaya nasezihlotsheni zami - bebabaza ubumnandi bawo, lokho kwenza ngathola intuba yokuqala leli bhizinisi ngoba ngibona ukuthi liwusizo kakhulu nokuthi ngingaphila ngalo,” kusho uNksz Mgwaba.

Eqhuba, uthe enye into emsize kakhulu wukuthi bameseka kakhulu kubo, okwenze ukuthi kube lula ukuhlanganisa emalini abezibekela yona, waqala leli bhizinisi futhi wasebenzisa nolwazi lomkhakha we-Consumer Science and Food Nutrition, abenza unyaka walo wesithathu eDurban University of Technology (DUT) ngonyaka odlule.

EMINYE yemikhiqizo ye-Flavors of Home Spices

Image: SITHUNYELWE

“Okwamanje ngisebenza nabantu ababili abangisiza ukuqhuba umsebenzi kanti okuningi ngikwenzela ekhaya njengoba ngingakabi nendawo eqondile yokusebenza, okungenye yezinselelo engibhekene nazo ngoba akulula ukusebenzela endaweni engavulelekile ukuthi wenze kahle umsebenzi onjena, nanokuthi kunengqalasizinda engisayidingayo, engingakabi nayo - okwenza ukuthi ngingakwazi ukwenza umkhiqizo ngendlela engiyifunayo,” kusho yena.

Uthe iyisishiyagalolunye imikhiqizo ye-spice ayenzayo okwamanje, kanti uvame ukuthola amakhasimende amaningi KwaMaphumulo, Newcastle, Mgungundlovu, eThekwini naseGoli imbala.

“Ngiyakhuthaza nabanye abantu abafisa ukuqala amabhizinisi ukuqikelela ukuthi kuba nento eyinkinga abayixazululayo ngalo ukuze kungezukuba nzima kakhulu ukuchuma,” usho kanje.

EMINYE yemikhiqizo ye-Flavors of Home Spices

Image: SITHUNYELWE

Malungana nezinhelo ngengomuso, uNksz Mgwaba uthe ufisa ukuthola indawo enkulu yokusebenzela, abe nemishini ezokwenza ukuthi akwazi ukukhiqiza umkhiqizo omningi futhi wezinga eliphezulu, okuzosiza ukuthi imikhiqizo yakhe igcina itholakala nasezitolo ezinkulu nezihlonishwayo ezidayisa ukudla ezweni lonke.