Impilo Yabantu Intandokazi

Kuthela izithelo ukucwaninga ngesifo esabulala uyise

Simangaliso Ntshangase|Published

UDKT Bawinile Hadebe osanda kuthola indondo yokumhlonipha ngocwaningo lwakhe lokulwa nomdlavuza

Image: SITHUNYELWE

UKUSHONELWA wuyise ngenxa yezinkinga ezeyamene nemishanguzo ayeyisebenzisela ukulwa nomdlavuza eminyakeni emithathu edlule kwakhuthaza uDkt Bawinile Hadebe ukuthi azihluphe ngokuthola ezinye izindlela zokuthi imishanguzo yalesi sifo ingabi nabungozi ezigulini eziyisebenzisayo.

Lolo cwaningo seluthela izithelo kuDkt Hadebe, oyi-lecturer e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) futhi oyinhloko yophiko lweNuclear Medicine Clinical Unit eNkosi Albert Luthuli Central Hospital, eThekwini. Usanda kuhlabana ngendondo ye-Saul Hertz Young Investigator kwi-Theranostic World Conference, umcimbi wezempilo obuwenziwe ihlandla lesishiyagalolunye eKapa, eWestern Cape, ngesonto eledlule.

Indondo kaDkt Hadebe waseHlokozi, eXobho, ngeyokumhlonipha ngocwaningo alwenze ezifundweni zakhe zobudokotela, nabelekelelwa kulona wumphathi wakhe uSolwazi Mariza Vorster.

Elandisa ngentshisekelo yakhe yalezi zifundo, uthe ukhuthazwe nawukuthi umdlavuza usalokhu uqhubeke njalo nokuba yinselelo emhlabeni jikelele, nokuthi zidingeka ngokushesha izindlela ezintsha zokuzama ukuwunqoba.

“Ucwaningo engilwenzile luyindlela enhle nengasiza esimeni esibhekene naso, njengoba sisebenzisa esikubiza nge-Theranostic - esebenza ngokucwaningisisa ukuthi yini esiyelaphayo ngaleso sikhathi. Kubhekwana nayo ngqo sisebenzisa icebo lakhona elithi search and destroy, elibandakanya ukuthi ujove isiguli ngohlobo lomjovo okwazi ukusisiza sibone izinhlayiya zomdlavuza ukuthi zingakuphi nokuthi zisabalele kangakananani emzimbeni wesiguli. Lokhu kwenza sikwazi ukuzibulala zonke ngendlela ewubuchule kuthi uma sesiqedile - isiguli sisale singenankinga,” kulanda uDkt Hadebe. 

Uthe kwamphatha kabi kakhulu ukubona uyise edikadikwa wumthelela ongemuhle weminye yemishanguzo ayeyisebenzisela ukuzama ukulwa nalesi sifo, nokwaphetha ngokuthi aze ashone ngo-2022. 

“Ubaba wuyena muntu ongikhuthaze kakhulu ukuthi ngiqhubeke nalo msebenzi yize engasekho emhlabeni, kodwa ngivele ngibone yena kuleso naleso siguli engiselaphayo, okwenza ukuthi ngikhuthalele ukuqhubeka ngizihluphe ngakho konke okusemandleni ami ukuthi ngithole ikhambi lokuqeda nya ngomdlavuza,” usho kanje.