ISIKHULU esiphezulu se-Finance Acccounting Services SETA uNksz Ayanda Mafuleka
Image: SITHUNYELWE
“BEKUHLALE kusikhathaza ukubona inqwaba yabantu besifazane abasebenza ezinhlakeni ezihlukene kuhulumeni nasezinkampanini ezizimele, abagcina ngalokho nje - bangakwazi ukufeza okukhulu nokuhle emisebenzini abazikhandla kuyo nsukuzonke.”
Usho kanje uNksz Ayanda Mafuleka, isikhulu esiphezulu se-Finance Acccounting Services SETA (FASSET), elandisa Isolezwe ngokwenze banquma ukubambisana ne-Auditor General South Africa (AGSA) ne-African Women Chartered Accountants Organization (AWCA) - ukuqala uhlelo lokufukula nokucija abantu besifazane ngamasu nangolwazi lokubasiza ukuthi babe ngabaholi abaqotho emisebenzini abayenzayo.
UNksz Mafuleka uthe lolu hlelo abalubiza nge-Women Leading in The Public Sector Programme, alusona isinyathelo sokuqala abasenzayo ukuzama ukusiza ukuthi kuphucuke futhi kuthuthuke abantu besifazane, njengoba baqala ngababelwenze ngo-2022 kuya ku-2025, olwasiza abantu besifazane abangaphezu kuka-2 000 ababefakwe kulona.
“Labo sabasiza kakhulu ngokuthi kuleyo minyaka emithathu, bakwazi ukuhambela emazweni okubalwa kuwona iSingapore, USA, England, Kenya naseGhana - ukucotshelelwa ngolwazi lwezinto ezihlukene esezibasiza manje ukuqhubeka nemisebenzi yabo ehlukene ikakhulu eyokuba sezikhundleni zokuphatha.
“Kusijabulise kakhulu ukubona ukuthi okungenani u-15% walabo bantu besifazane usuvele usuqalile manje ukwenza izinto nemisebenzi ekhomba ukuthi abakufunde ohlelweni lwethu kuyabasiza futhi kuthela izithelo ezibonakalayo empilweni yabo,” kulsho uNksz Mafuleka.
Eqhuba, uthe kulolu hlelo lwabo lwamanje babheke ukuthi basize abantu besifazane abangaphezu kuka-500 abasebenzela izimboni ezizimele nezinhlaka zikahulumeni, nababheke ukuthi kuthathe okungenani iminyaka emibili ukucijwa nokucotshelelwa kwabo ngokuphelele.
“Ezintweni ezimqoka esizobafundisa zona sibala amasu okubhekana nezimo zokungaboni ngasolinye emsebenzini, nokuthi bakhiwa futhi buqiniswe kanjani ubudlelwano nezinhlaka ezihlukene okubalwa nabatshalimali ukuze kuthuthukiswane,” usho kanje.
Uthe lolu hlelo luzophothulwa ngoMashi ngo-2028, bese beqhubeka nezinye izinhlelo zokuhle futhi okuzothuthukisa abesifazane abahlela ukukwenza. Uthe lokhu kubandakanya ukuthi bagcine sebenohlaka oluzoqhubeka lwenze umehluko emphakathini wasezindaweni ezisemakhaya ngenhloso yokwakha, ukuvundulula nokuthuthukisa abantu besifazane ukuze bazimele.
Related Topics: