IMOTO: RENAULT CAPTUR INTENS
IRenault Captur ingenye yezimoto othi uzibuka amehlo engasheshi asuke kuzo ngoba iyabukeka.
Ukuheha kwayo ngeke uze usho ukuthi yimoto esindala yize iyintsha kuleli. Engikushoyo wukuthi yethulwe ngo-2019 kodwa yaba nokubambezeleka ekufikeni kuleli njengoba ize yatheleka kulo nyaka.
Lokhu kusho ukuthi maduze kuzobe sekwethulwa ethuthukisiwe phesheya yize ngikholwa wukuthi ngeke ize isheshe ifike kuleli.
Yinto efana neyenzeke kwiRenault Clio efike isikhathi sesihambile kanti manje sekwethulwe ethuthukisiwe yize kuleli kusadayisa ‘endala’ kodwa entsha kithi.
Njengoba ngishilo ukuthi iyimoto ebukekayo, ngaphambili inamadaytime running light amise okukaC njengezinye izimoto zakwabo. Amalambu wonke ngaphambili nangemuva angamaLED.
Amarimu nawo mahle angu-17 inch. Okunye okuhehayo ngayo wukuthi inokhakhayi olumnyama okuwumbala ohlukile kunomzimba wemoto.
Ngokwami, ngobuhle iyayedlula iVW T-Cross encintisana nayo.
Ngaphakathi nakhona yakhiwe kahle futhi yize kuyiSUV encane kodwa isikhala sikhona. Isinkulu kunendala nebhuthi ingu-404 litres futhi uma usondeza izihlalo siba ngu-536 litres isikhala.
Esinye isikhala usithola ngaphambili lapho kunezindawo zokubeka iziphuzo khona. Njengoba necentre console iphakeme nje, lokhu kwenza kube nesikhala ngaphansi kwayo sokubeka izinto ezifana nesikhwama semali.
Cishe konke okulindele emotweni yesimanje uzokuthola njengedigital instrument cluster, izindawo zokushaja nge-USB noma ngaphandle kwentambo, isiteringi esifudumalayo, touchscreen infotainment system enenkombandlela futhi oxhuma khona iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye.
Indlela ehamba ngayo emgwaqeni ayibuphoxi ubuhle bayo. Inenjini engu-1.3 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-113kW netorque engu-270Nm. Ugearbox ungumshini ozishintshayo oyi-7-speed Efficiency Dual Clutch (EDC).
Injini iwakhipha kahle amandla futhi iyakwazi nokushesha emgwaqeni uma ufuna. Ukushiya kwayo igabade ngo-174mm kwenza ubone kahle nendlela nokuthi uma kwenzekile wangena emgodini ingashayi kalula ngaphansi. Uma umoya wehla esondweni iyakutshela.
Ngo-100km/h bathi idla amalitha kaphethroli angu-6.6. Kimi ibidla ngaphezulu njengoba ibiphuza angu-7.2l/100km.
Okunye engikuthanda ngayo wukuthi inezinto ezikusizayo njengomshayeli njengokusho uma iphuma emzileni, uma upaka inamasensor nekhamera eveza ingemuva. Empeleni inezinkanyezi ezinhlanu ngakwezokuphepha.
Intengo:
Renault Captur 1.3L Turbo EDC Intens - R 499 999
Ifika newarranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km, iservice plan yeminyaka emithathu noma u-45 000km ne-anti-corrosion warranty yeminyaka eyisithupha.