Ucwaningo lwango-2021 olwenziwe yizinkampani ezikhiqiza amathayi luveza ukuthi u-41% wezingozi zomgwaqo udalwa wukuqhuma kwesondo.
Omunye u-15% udalwa ngamathayi ayizimpandla.
Iphini likasihlalo weTyres, Equipment, Parts Association (Tepa), uLes Richardson, lithe lezi zibalo ziyizinkomba zokunganakekelwa nokuzitshwa kwamazinga okuphepha.
Uthe amathayi, okuyiyona nto enhlanganisa imoto nomgwaqo, aneqhaza elibalulekile alidlalayo ekutheni imoto yakho yenza njani emgwaqeni.
Uthe ukungawanakekeli kuwukuzicelela izinkinga ezingaholela ekufeni.
Ubuze ukuthi kungani abantu befuna ukuzibeka engcupheni nabanye abaseduze kwabo ngamathayi ayizimpandla noma angamasekeni ongawazi umlando wawo.
Uthe amathayi amaningi adayisa eceleni komgwaqo afike kuleli ngokungemthetho noma abanikazi bawo abadlule sebewachithile.
Echaza ngokuqhuma kwamathayi, uthe amaningi kusuke kungenxa yokuthi awafuthiwe kahle ngenxa yokuthi akhipha umoya kancane noma awahlolwa njalo ukuthi ungakanani.
“Uma ithayi lithambile kwenza ingaphandle lalo ligobe uma isondo lijikajika. Lokhu kugoba kwenza lishise futhi irabha eshisayo iyathamba bese lihlangana nento eqinile emgwaqeni noma uma ujika ligobe kakhulu bese liyaphuma erimini noma kokunye livele liqhume,” kusho uRichardson.
“Ezindaweni ezimanzi, amaloba adalelwe ukuthi asuse amanzi ukuze lizothinta kahle emgwaqeni. Ukuba namaloba amancane kusho ukuthi lokhu akwenzeki ngendlela nokungenza imoto ishelele noma ithayi lingabambeleli emgwaqeni. Imiphumela wukuthi ithayi lintante emanzini umshayeli angakwazi ukulawula imoto.”
Wengeze ngokuthi ungabhreki uma imoto isishelela ngenxa yamanzi kunalokho udedele kancane amafutha kuze kuba uyakwazi ukuyilawula.