ISIKHULU seMasterDrive, u-Eugene Herbert, sithi kubalulekile ukonga uphethroli ngoba isimo somnotho asicacile, nentengo yakhona ayehli ngokushesha njengendlela enyuka ngayo.
UHerbert ukhuluma nje, kule nyanga intengo kaphethroli inyuke ngo-37c, kwathi ekadizili yanyuka ngo-72c ilitha. Lokhu kusho ukuthi ilitha libiza imali elinganiselwa kuR20.
“Sibheke kaningi izindlela ezijwayelekile zokonga uphethroli njengokugwema ukugijima noma ukushiya imoto iduma isikhathi eside. Yize kunezinye izinto eziningi esingeke sizicabange ezingaba nomthelela endleleni imoto edla ngayo uphethroli. Akujwayelekile ukukhulunywa ngazo futhi zingaba nomthelela ekutheni imoto idle kakhulu,” kusho uHerbert.
Ubalule nakhu:
-Izinga eliphansi lamafutha enjini
Uma usebenzisa amafutha angafanele amapiston nokunye kuba ngaphansi kwengcindezi nokusebenzisa uphethroli othe xaxa. Bheka ibhuku elichaza ngemoto yakho noma ubuze egaraji ngamafutha afanele futhi ungayeki ukuwashintsha ngemuva kwebanga elifanele.
-Isimo samathayi
Uma amathayi engekho esimeni esifanele awabambeleli kahle phansi lokho kudla uphethroli ngokuthe xaxa ngoba aphenduka ngokushesha ukuze abambe ijubane. Amasondo afuthwe kancane nangabhalansisiwe kahle enza imoto iwudle kakhulu uphethroli. Lokhu kunobunye ubungozi obuyamaniswa namathayi angekho esimeni esifanele.
-Gwema izindlela ezimfishane
Izindlela ezingaphansi kuka-5km zidla kakhulu uphethroli ngoba imoto isuke ingakafudumuli. Yenza konke okudingayo ngosuku olulodwa ukuze uzokonga. Ngakolunye uhlangothi, izimoto zakamuva ezinobuchwepheshe azidingi ukufudunyezwa isikhathi eside. Zifudumala usungaphakathi bese kumele ususe nenkungu ewindini. Ukushiya imoto iduma isikhathi eside kungagcina kusebenzisa uphethroli omningi kunokonga.
-Ukusevisa imoto
Ukwehluleka ukushintsha amaspark plug noma amafuel air filter kunyusa indlela imoto edla ngayo. Amafuel injector asegugile adla uphethroli ngokushesha. Ungazibi ukushintsha amaphathi angasebenzi noma ukusevisa imoto ngesikhathi.
-Ukushayela kabi
Ukushayela ngamagiya angafanele okwenza uhambe ngamaRPM aphezulu, ukunyathela amafutha mawala kade umile noma ukushayela ngegiya eliphezulu unyuka intaba okanye emakhoneni, kudla uphethrroli. Izimoto ezishintshwayo ezinamaclutch asedlekile zinyusa ukudleka kukaphethroli.