KwaMercedes-Benz basingathe umcimbi i-AMG Performance Tour eKyalami Grand Prix Circuit ngempelasonto lapho bebekhombisa khona ngezimoto zabo ezinamandla.
Izimenywa zithole ithuba lokuvivinya izimoto ezahlukene ziphinde zibone nezinye ezintsha.
Phakathi kwezintsha eziveziwe yi-C63 SE Performance ezoqala ukudayisa ngonyaka ozayo. Le moto eyakhiwa efemini yakwaMercedes ese-Eastern Cape, inenjini engu-2.0 litre engeyona i-V8 njengasekuqaleni. Inamandla angu-500kW ne-torque engu-1020Nm.
IMercrdes-AMG C63 S E Performance entsha ikhonjiswa kwi #AMGTourSA eKyalami Grand Prix Circuit @IsolezweNews pic.twitter.com/RM7T7golTt
— Fanelesibonge Bengu. (@FaneleBengu) July 21, 2023
Injini kaphethroli iyodwa inamandla angu-350kW bese kuthi eyebhethri efakwe emasondweni angemuva yona ibe namandla angu-150kW. Bathi kuyenza ibambe u-100km/h ngemizuzwana engu-3.4 kanti ijubane elikhulu limiswe ku-280km/h.
Enye imoto eyethuliwe yi-AMG GT 63 S 4-door Coupé nayo ezokwembulwa ngonyaka ozayo.
I-SL 43 entsha
Umcimbi bawusebenzisele ukwethula isilahlamatende iSL entsha. Elethwe eNingizimu Afrika yiSL 43. Inenjini engu-2 litre kaphethroli ene-electric exhaust gas turbocharger. Bathi inamandla angu-280kW ne-torque engu-480Nm. Ikunika namandla engeziwe angu-10kW ne-torque engu-150Nm ngesikhashana.
U-gearbox uyi-9G multi-clutch transmission, othumela amandla emasondweni angemuva. Amandla ayo bathi ayenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-4.9 kanti ijubane elikhulu ngu-275km/h.
Ngesikhathi ngiyishayela enkundleni ngiyizwile ukuthi iyi-AMG eyingane njengoba kungeyona i-63 ejwayele ukuba namandla athe xaxa. Okuyilekelelayo wukuthi isisindo sayo siphansi nokwenza uyizwe ukuthi iyagajima.
Ngaphakathi indlela eyakhiwe ngayo iyafana namaMercedes akamuva njengoba ine-touchscreen infotainment system enkulu ngaphambili kanjalo nesiteringi esigcwala isandla uma usibambile.
Izihlalo zikubamba kamnandi unganyakazi. Akuyona imoto enkulu njengoba ilayisha kahle abagibeli ababili ngaphambili bese kuba yizihlalo ezincane ngemuva.
Ukuyivula ukhakhayi oluthambile bathi kuthatha imizuzwana engu-15 futhi ungakwenza ngisho ihamba ngejubane elingaphansi kuka-60km/h. Ukhakhayi oluthambile lolu lungenye yezinto ezehlisa isisindo sayo.
Intengo: R2 449 500
A45 S AMG 4MATIC+
Bengingakaze ngiyishayele i-A45 S AMG 4MATIC+ yakamuva ngaphambi kokuthola ithutshana eKyalami.
Abakushintshile ngamalambu ngaphambili nangemuva, yi-grille, yibheji lakwa-AMG, amarimu kanjalo ne-spoiler ngemuva.
Lezi yizinguquko ezenziwe nakwi-A35 yona oyithola nge-hatchback nange-sedan.
Ngaphakathi bayishintshe i-MBUX infotainment system abathi isisebenza kangcono futhi kwengezwe nezindawo zokushaja nge-USB.
Isiteringi sinamabhathini okushintsha indlela imoto oyizwa ngayo ngale kokuthi uzisuse izandla. Siyangichaza ngoba sigcwala kamnandi esandleni futhi asisheleli nhlobo ngisho uyile genge ejuluka izandla.
Amandla awashintshanga kuzo zombili njengoba i-A35 ikhafula 225kW.
I-A-45 S 4MATIC yona eyimbangi ye-Audi RS 3 inamandla angu-310kW ne-torque engu-500Nm. Injini ingu-2.0 litre four-cylinder turbo. Amandla ayo ayenza isuke ihlale ku-100km/h ngemizuzwana engu-3.9. Yinto okulula ukuyikholwa lena ngoba isivinini isenyusa ngamandla futhi nokuduma okuphezulu okuphuma ezipikheni kwenza uyizwe ukuthi iyashesha.
Ungayizwa ngathi ilula ayisindi okungenza ucabange ukuthi ayihleli kanti itiyela iyalinamathela. Ikhona ulijika ngesivinini kungabi ndaba zalutho.
Intengo
Mercedes-AMG A 35 4MATIC Hatch - R1 234 550
Mercedes-AMG A 45 S 4MATIC+ Hatch - R1 381 550
Mercedes-AMG A 35 4MATIC Sedan - R1 128 750
Zifika ne-service plan ne-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km.