KUZOKWETHULWA inkampani entsha yezimoto yaseChina emakethe yaseNingizimu Afrika, iGAC Motor ngemuva kokusayina isivumelwano neSalvador Caetano Auto.
Yize kungamenyezelwanga ukuthi izimoto zeGAC Motor zizoqala nini ukudayiswa kodwa iSalvador Caetano Auto yiyo ezozisabalalisa, idayise amaphathi futhi isevise eNingizimu Afrika.
I-GAC Motor ingaphansi kweGAC Group (Guangzhou Automobile Group Co. Ltd) eyethulwa ngo-1997.
I-Salvador Caetano Group yona isebenzela emazweni angaphezu kuka-41.
Iphini lemenenja-jikelele yeGAC Motor, uWang Shunsheng, lithe lesi sivumelwano sizokwenza ukuthi izinkampani zihlanganise amandla ukwakha amagaraji agxile ekweneliseni amakhasimende.
llungu lebhodi lakwaSalvador Caetano Auto eliyisikhulu seGlobal Automotive Distribution, uSérgio Ribeiro, lithe lesi yisiqalo esihle futhi kunethuba lokuthi ubudlelwano busabalale nakwamanye amazwe.
I-GAC Motor ikhiqiza izimoto ezihlukene, okukhona kuzo ama-sedan, SUV namaMPV.
Le nkampani isemkhankasweni wokungenisa emazweni ahlukene njengoba ngoNovemba nyakenye ibijabulela ukuvula igaraji lokuqala e-Egypt futhi yethulwa naseMexico. Isisemazweni angu-30.
Izimoto ezilandwa eChina ziya ngokwanda nokuthengwa eNingizimu Afrika. Ngesonto eledlule isikhulu seToyota South Africa Motors, u-Andrew Kirby, siveze ukuthi ngo-2019 zazingu-10 izimoto zakuleli zwe ezazidayisa futhi kwathengwa ezingu-9 066.
Ngo-2023 lesi sibalo sinyukele ku-15 futhi kudayiswe ezingu-32 382.
Izinkampani ezikhona kubalwa kuzo iHaval, Chery neBAIC.