Abashayeli babhekana nengcindezi emgwaqweni ekuseni uma beya emsebenzini njengoba abantu abaningi sebebuyelile futhi nezikole zivuliwe, ngokusho kuka-Euegene Herbert, oyisikhulu seMasterDrive.
UHerbert uthe yize kusenabasebenzela emakhaya kodwa ucwaningo olwenziwe yiKPMG lukhomba ukuthi baya ngokwanda ababuyela emahhovisi futhi u-72% wezikhulu uncamela lokho.
“Njengoba abasebenzi bebuyela emsebenzini, bazophinde babhekane nengcindezi yokuhamba ekuseni. Kuqagulwa ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bahamba ibanga elilinganiselwa ku-22km uma beya emsebenzini nokuthatha phakathi kwemizuzu engu-22 no-35, kuya ngokuthi ukuliphi idolobha. Ekuqaleni konyaka isiminyaminya siba simbi kakhulu. Izitshudeni nabafundi babuyela ezikoleni, futhi nemisebenzi iyanda nokwenza isiminyaminya siphathisane ngengcindezi. Kusemqoka ukuthi abaqashi bawazi umthelela wesiminyaminya futhi baqhamuke nezindlela zokugwema ukuqala usuku bekhandlekile,” kusho uHerbert.
Uthe enye yezindlela wukuqeqesha abasebenzi ngokushayela ukuze bezokwazi ukumelana kangcono nengcindezi yokushayela.
“I-defensive driving ifundisa abashayeli ukubona abashayela budedengu nokunciphisa ingozi kubo. Uma kukhona oshayela kwi-yellow lane bese ezama ukubuyela emzileni ophambi kwakho, kunezindlela ezimbili ongenza ngazo. Ungamvimba nokungakhuphula imimoya kwenze nengcindezi kuwe ibe phezulu bese uba naleyo mizwa emibi usuku lonke. Okunye ongakwenza wukumngenisa phambi kwakho futhi uzocasuka kancane kodwa usheshe ukhohlwe,” kuchaza uHerbert.
Uthe nazi ezinye izindlela ezingenza unciphise ingcindezi ekuseni:
Bheka imizuzu engu-12 ngaphambili: gwema ukumangazwa yizenzo zabanye abashayeli ezinobungozi bese usheshe wenza imizamo.
Ibanga olishiya phakathi kwakho nemoto oyilandelayo: likunikeza isikhathi esanele sokuthi ugweme izinto.
Ukuhlela: yiba nesikhathi esiningi ozoba naso uma kwenzeka kuba nesiminyaminya. Thola izindlela ezingaminyani, ikakhulukazi uma kucinywe ugesi.
Imithetho yomgwaqo: ukungayihloniphi imithetho yomgwaqo kuzokufakela ingcindezi emalini ngoba uzothola amathikithi futhi ungashayeli ngendlela, kunalokho ulokhu ubheka amaphoyisa.