KUVELA ukuthi siphezulu isibalo sabantu abakhipha emaphaketheni ukulungisa izimoto zabo uma ziba sengozini.
NgokweBudget Insurance, abanye bathatha isinqumo sokuyihoxisa imishwalense yabo uma isimo somnotho sibheda, ukonga imali.
“Lokho kubabeka engcuphenu njengoba siphezulu isibalo sezingozi, ukudunwa kwezimoto nokwebiwa okwenzeka mihla namalanga,” kusho abeBudget.
Ithe abaningi abakwazi ukumelana nezindleko zokulungisa imoto elimele engozini, noma ukuthenga entsha uma iduniwe. Ithe ayiyibali indaba yokukhokhela imoto yomuntu uma uyilimazile.
Ithe zikhona izinguquko ongazenza ukuze unciphise imali oyikhokhela umshwalense zinyanga zonke.
Nakhu okungasiza abashayeli:
Ungabi nomshwalense efanayo ezindaweni ezahlukene njenge-roadside assistance.
Qinisa ezokuphepha:
Imali oyikhokha ngenyanga ibalwa ngoba kubhekwa ingozi engakwehlela. Ukuthi usengcupheni yini kubhekwa indawo ohlala kuyo, imoto oyishayelayo nezokuphepha onazo.
Ungehlisa imali oyikhokha ngenyanga uma ufaka ezokuphepha ezengeziwe emotweni yakho njenge-tracker noma i-alamu.
Ungafaki izicelo zokukhokhelwa kungenasidingo:
Gcinela umshwalense wakho izimo ezinkulu futhi ugweme ukucela inkokhelo yezinto ezincane ongazikhokhela wena. Uma ufaka isicelo sokukhokhelwa ngenxa yomhuzuko omncane umshwalense wakho uzoyinyusa imali oyikhokha ngenyanga ngoba ubona ukuthi ungumuntu osengcupheni.
Nyusa imali ohlangabeza ngayo umshwalense uma ufaka isicelo senkokhelo:
Ungonga imali oyikhokha ngenyanga uma unyusa imali ohlangabeza ngayo umshwalense uma ufaka isicelo senkokhelo. Ngokujwayelekile ufuna ukukhokha imali encane uma ufaka isicelo senkokhelo kodwa uma ufuna lokho imali oyikhokha ngenyanga iba phezulu.
Kungcono ulinganise ingabi phezulu futhi nemali ozoyikhokha uma ufaka isicelo nayo kube yimali ozokwazi ukuyikhipha.