IMOTO: MITSUBISHI XPANDER
I-Xpander ingenye yezimoto eziyintandokazi kwaMitsubishi Motors South Africa njengoba le nkampani ithi idayisa kahle selokhu yethulwa eminyakeni cishe emibili eyedlule.
Akuthusi ukubona bezama ukuyithuthukisa nokuyinto eyenzekile ngasekupheleni konyaka odlule ukuze izoqhubeka nokuheha abathengi.
Lena yintandokazi kulaba abanemindeni njengoba inezihlalo eziyisikhombisa. Cishe “u X uyasolveka” uma kuza ngesikhala ngoba ivulekile. Nezihlalo zasemumva zivuleke kahle ukuthi nomuntu omdala angangena. Lokho yinto enhle nencomekayo ngoba isikhathi esiningi ziyaye zibe zincane.
Ngaphandle ithe ukuhluka uma uqhathanisa nendala ngoba amalambu athe ukuba ubutsetse nokwenza idonse amehlo. Ithe ukuphakama nokwenza kube imoto engamelana nezimo ezehlukile zomgwaqo ngoba nasobhuqwini uhamba ungenalo uvalo lokuthi izoshaya phansi. Kwenziwa wukuthi sebeyiphakamisile igabade ilishiye ngo-225mm isuka ku-205mm.
Ngiyazi ukuthi uma ucabanga imoto yomndeni, ijubane likude nomqondo ngoba ucabangela ezokuphepha.
Khona impela yona akusiyo imoto engasheshe ikufikise lapho uya khona uma ilayishe kahle. Injini kuseyiyo engu-1.5 litre kaphethroli enamandla angu-77kW netorque engu-141Nm. Ugearbox uyi-4 speed automatic.
Iba nobunzinyana emgwaqeni kanti namajika aseNdundulu (umgwaqo ongumqansa) iwathatha kanzima, uyizwe ishintsha amagiya kaningi nokwenza ukuthi kudleke uphethroli.
Ngokusho kwabakwa Mitsubhisi bathi imimilita amalitha kaphethroli angu-7.0 ngo-100 km ethangini elingu- 45 litres. Kimi bekungaphezulu kwalokhu ngoba igcina idla angu-8.1 ngo-100km.
Ngale kwalokho, iyimoto yansukuzonke. Uma unomndeni noma ukulabo ababuye babe kulo mkhakha wamatekisi akhokhelwa ngebanga olihambile, yinhle kakhulu ngoba nangaphakathi inobuchwepheshe besimanje.
Ishaya nge-Android Auto ne-Apple CarPlay nokwenza kubelula ukuxhuma iselula ivele kwitouchscreen infotainment system engenkulu kakhulu. I-Xpander isembangweni nezimoto ezifana neToyota Rumion, Honda BR-V, Suzuki Ertiga nezinye.
Intengo:
Xpander 1.5L A/T - R364 995
Ifika newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km, iservice plan yeminyaka emibili noma u-30 000km neroadside assistance yeminyaka emihlanu.