IMOTO: VOLVO EX30
Bakholwa wukuthi izoba ngenye yezimoto zabo ezidayisa kakhulu i-EX30 kwaVolvo Car South Africa ngemuva kokwethulwa kwayo kuleli.
Isikhulu sale nkampani, uGreg Maruszewski, sithe bayajabula ngokuyethula kuleli.
“Sikholwa wukuthi i-EX30 izoba ngenye yezimoto ezidayisa kakhulu njengoba siqhubeka nezinhloso zethu zokuvikela imvelo kuleli nasemhlabeni jikelele,” kusho uMaruszewski.
Le moto ihlukene ngezinhlobo ezinhlanu.
Kukhona i-EX30 Core Single Motor enamandla angu-200kW ne-torque engu-343Nm. Bathi isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-5.7. Idonsa ngamasondo angemuva futhi inebhethri elingu-51 kWh abathi liyenza ihambe 344km uma lishajwe lagcwala.
Kukhona i-EX30 Plus Single Motor Extended Range enebhethri elingu-69 kWh okuyilo elikwezinye izinhlobo zama-EX30. Bathi ikwazi ukuhamba 476km. Yize amandla efana neCore Single Motor kodwa ukusuka ku-0 iye ku-100km/h kuyithatha imizuzwana ewu-5.3.
I-EX30 Ultra Single Motor Extended Range nayo inamandla, ibhethri futhi ihamba ibanga elifanayo nale engenhla.
Enye ye-EX30 Plus Twin Motor Performance yona inenye injini yesibili kagesi. Iyenza ukuthi ibe namandla angu-315kW ne-torque engu-543Nm. Idonsa ngawo womane amasondo futhi ibamba u-100km/h ngemizuzwana ewu-3.6. Uma ibhethri ligcwele bathi uhamba 460km.
Lokhu kuyefana nakwi-EX30 Ultra Twin Motor Performance okuyiyona engumakhonya wama-EX30.
I-Core ifika namarimu angu-18 inch, isiteringi esifudumalayo, adaptive cruise control, ama-sensor ngemuva asiza uma upaka nama-airbag ayisikhombisa.
I-Plus yona ifika namarimu anngu-19 inch, izipikha zeHarman Kardon, ambient lighting, indawo yokushaja iselula ngaphadnle kwentambo nama-sensor ngaphambili nangemuva.
I-Ultra yona inamarimu angu-20 inch, panoramic sunroof, ikhamera eveza umzimba wonke ngaphandle futhi iyazipaka.
Intengo:
EX30 Core Single Motor – R775 900
EX30 Plus Single Motor Extended Range – R865 900
EX30 Plus Twin Motor Performance – R935 900
EX30 Ultra Single Motor Extended Range – R965 900
EX30 Ultra Twin Motor Performance – R995 900
Zonke zifika ne-warranty ye-maintenance plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km kanjalo neRoadside Assistance yeminyaka emihlanu. Ibhethri line-warranty yemiyaka eyisishiyagalombili.