IMOTO: TOYOTA RUMION
Kwenziwe izinguquko kwiToyota Rumion eyafika izovala isikhala se-Avanza.
IRumion izalwe wubudlelwano beToyota neSuzuki njengoba isuselwe kwiSuzuki Ertiga. Lobu budlelwano bulethe kuleli iToyota Starlet esuselwe kwiBaleno, Toyota Urban Cruiser endala eyayisuselwe kwiSuzuki Vitara Brezza kantalo neToyota Vitz eqhamuka kwiSuzuki Celerio.
I-Avanza, eyaqala ukudayisa kuleli ngo-2006, yona yayisuselwe kwiDiahatsu Xenia. Kuthe ngo-Okthoba kwaToyota bethula iRumion evale isikhala sayo.
Ngaphandle bayishintshe igrille esithe ukuba nkulu kunendala.
Baphinde bayithuthukisa nezokuphepha njengoba isineVehicle Stability Control, iyakuxwayisa uma ungalifasile ibhande futhi inhlobo ebizwa ebizwa ngeS isinamasensor ngemuva.
Okunye okwengeziwe wukuthi ibhande langaphambili uyakwazi ukulehlisa nokulenyusa ehlombe, izihlalo zangemuva seziyaqethuka kancane.
ISX bayifake ikhamera ngemuva, cruise control armrest neHill Assist Control. Izinguquko kwiTX zizokwenziwa ngenyanga ezayo.
Wonke amaRumion anenjini engu-1.5 litre kaphethroli enamandla angu-77kW netorque engu-138Nm. Ugearbox uyi-5 speed manual noma i-4 speed automatic.
Intengo:
Rumion 1.5 S - R296 900
Rumion 1.5 SX MT - R331 600
Rumion 1.5 SX AT - R351 700
Ifika neservice plan yamasevisi amane noma u-60 000km newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km.