IMOTO: BMW M340i xDrive
Kuhamba isikhathi kufike lapho izinkampani zithuthukisa khona izimoto zazo nokuyinto esiyenzeke kwiBMW 3 Series.
Izinkampani zinolimi lwazo uma kuziwa ezintweni ezithinta izimoto zazo njengoba kwaBMW ukuthuthukiswa kwezazo bekubiza ngeLife Cycle Impulse (LCI).
Bekuwu-2018 embukisweni wezimoto, iLos Angeles Auto Show, ngesikhathi abantu bebona okokuqala ngqa iM340i xDrive entsha njengoba isithuthukisiwe nje.
I-M340i xDrive LCI ishintshiwe indlela ebukeka ngayo ngaphambili mbijana. Amalambu angama-Adaptive LED headlights asethe ukuba yisibaca.
Amarimu angu-19-inch bese kuthi ngemuva ubhampa washintshwa kancane nezinqawe ezimbili.
Ngaphandle ibukeka kahle nangalo mbala abawufakile, uM Brooklyn Grey metallic.
Ngaphakathi into yokuqala oyiqaphelayo uma ungena kuyo yiBMW Curved Display. Ubukhona bayo benza i-Audi S4 Sedan isale yodwa namabhathini njengoba iMercedes-AMG C43 4Matic nayo ishaya ngetouchscreen infotainment system enkulu.
IBMW Curved Display ingu-14.9 inch bese kuthi ngemuva kwesiteringi kube ne-information display engu-12.3 inch.
Indlela eveza ngayo ngemuva kwesiteringi iyashintsha uma ushintsha namadrive modes. Kushoda umbhalo weM340i phakathi njengakuqala owawukukhumbuza ukuthi uhamba nge-3 Series eyehlukile kunamanye.
I-aircon nje ingenye yezinto osuyisetha kule screen esiphakathi nendawo futhi kulula ukukwenza lokho. Kwenza ingaphambili libukeke kahle kodwa inkinga kuba wukungcola kwaso uma ulokhu usithinta njalo.
Ukugwema lokhu kuyajabulisa ukuthi kwaBMW bayishiyile i-iDrive Controller ukuze ushintshe ngayo okuvela kwiscreen. Sigqame kahle futhi uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, usetha imoto, uveza inkombandlela, ufunda izindaba, isimo sezulu, amakhamera akhombisa umzimba wonke ngaphandle nokunye.
Ezansi uzoqaphela ukuthi igiya elide alisekho. Sekukhona elincane okulula ukulisebenzisa.
Okunye enakho ngaphakathi yizihlalo zesikhumba, amaM Sport Seats, ezikubamba kamnandi futhi eziqoshwe uM. Inezindawo zokushaja nge-USB nangemuva nezipikha zeHarman Kardon. Engikuthandayo wukuthi kuningi efika nakho ongadingi ukukukhokhela ukuze ukufake. Uma uthanda wengeza neHead-Up Display neDriving Assistant Professional ehlanganisa iSteering and Lane Control Assistant, Active Cruise Control system nokunye.
Izinguquko azenziwanga enjinini. Ingu-3.0 litre kaphethroli eyi-6 cylinder. Inamandla angu-285kW ne-torque engu-500Nm. Ugearbox uyi-8 speed Steptronic.
I-M340i xDrive uyizwa usayidumisa ibhongela phezulu ukuthi kunenjini enkulu kwibhonethi. Uma ususemgwaqeni uyifake ku-EcoPro okanye kuComfort, izihambela buthule. Uma nokho uphuthuma noma ufuna ukudlula enye imoto ngokushesha, amandla iyawathumela. Uma usuyifaka kuSport noma kuSport Plus, amandla iwakhafula wonke nokuduma kuthi ukubhonga mbijana ngaphakathi. Emakhoneni iyabambelela injalo nje njengoba ineM sporrt differential kanjalo neM Sports Suspension.
U-0-100km/h ifika kuwo ngemizuzwana engu-4.3 nokuyinto okulula ukuyikholwa ngoba uyayizwa ukuthi isukisa okonyazi.
Uze uzibuze ukuthi usengawenzani amandla eM3 kodwa kukhona abawadingayo.
Imbangi yayo, iC43 4Matic, yona bathi ishaya u-0-100km/h ngemizuzwana engu-4.6. Inenjini engu-2.0 litre four-cylinder enamandla angu-300kW/500Nm.
Ishesha njengeS4 Sedan enenjini engu-3.0-litre TFSI enamandla angu-251kW/700Nm. Nayo bathi kuyithatha imizuzwana engu-4.6 ukuhlala ku-100km/h.
Uma uyibukela kude iBMW M340i xDrive, ngeke uze unake ukuthi ifihle induku emqubeni ngamandla ayo.
Intengo:
BMW M340i xDrive - M Performance - R 1 338 206.60