IMOTO: HONDA CR-V
ISINGENISILE emakethe intandokazi yeSport Utility Vehicle (SUV) yeHonda, iCR-V, entsha sha.
Le SUV entsha yinhlobo yesithupha ikhona futhi isembangweni nezimoto okubalwa kuzo iToyota Rav4, Hyundai Tucson, Kia Sportage, Volkswagen Tiguan nezinye.
Ifika ihlukene ngezinhlobo ezimbili futhi intengo yayo iqala ku-R959 900.
Isiyinde kunendala futhi ivulekile. Ngaphambili ikhanyisa ngamaLED headlights bese kuthi amarimu abe phakathi kuka-18 inch no-19 inch, kuya ngenhlobo yakho. Okhakhayini kune-sunroof. Imibala yayo ihlukene kasikhombisa.
Ngaphakathi bathi isithule kunendala, ivulekile futhi intofontofo njengoba inezihlalo zesikhumba. Zonke zine-digital instrument display ne-touchscreen infotainment system engu-9 inch.
Injini ehamba ngayo ingu-1.5 litre turbo kaphethroli. Inamandla angu-140kW ne-torque engu-240Nm. Ugearbox ungumshini ozishintshayo oyiCVT abathi uthuthukisiwe ukuze ihambe kahle.
Indlela ehamba ngayo emgwaqweni bathi ithuthukile ngoba intofontofo futhi ibambelela kangcono.
Ezokuphepha zihlanganisa ukuthuthukiswa kwamabhreki nezinsiza zomshayeli. Phakathi kwazo ngamakhamera aveza umzimba, yi-adaptive cruise control, lane keeping assist system iyaxwayisa uma izoshayisa iphinde ibhreke. Kuphinde kwafakwa nama-airbag asemadolweni.
Intengo:
1.5T Exclusive FWD R1 039 900
1.5T Executive FWD R 959 900
Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, i-warranty yeminyaka emihlanu noma u-200 000k neRoadside Assistance yeminyaka emithathu.