INHLANGANO eyengamele amagaraji adayisa izimoto iNational Automobile Dealers’ Association (Nada) isiqale umkhankaso wokunxenxa abantu ukuthi bajoyine umkhakha wezimoto njengoba kunokushoda ngisho nakwamanye amazwe.
INada ithe ukushoda kwabasebenzi akuyona into ebhekene neNingizimu Afrika kuphela kepha yinto esemazweni omhlaba. Ithe e-United States of America kushoda abasebenzi abangaphezu kuka-40 000. E-Australia ithe izinhlangano zezimoto zihlanganile ukubhekana nale nkinga kodwa ucwaningo luveza ukuthi abafundela umsebenzi bashiya bengakaphothuli ukuqeqeshwa.
IPhini likaSihlalo weNada nokunguye owengamele uhlelo lokugqugquzela abantu ukuthi bangene kulo mkhakha, uThembinkosi Pantsi, uthe baqale sebeqale uhlelo lokubambisana nabanye ukuze bezoheha abantu abanamakhono.
“Imboni yokudayiswa kwezimoto inamathuba amaningi emisebenzi kusuka kwizifundiswa, ezokudayisa izimoto, abalungisa izimoto, abasehhovisi nakwezemali. Igaraji elidayisa izimoto nje, linamabhizinisi ayisithupha lilodwa okungelokudayisa izimoto ezintsha, ezingamasekeni, elithinta imali nomshwalense, ukusevisa, amaphathi nehhovisi elilawula ukusebenza nabaphathi,” kusho uPantsi.
Uthe maningi namathuba okufunda ube wungoti othize ngenza yokuthuthuka kobuchwepheshe ezimotweni.
“La mathuba ahlanganisa ukusebenza ngezimoto ezingama-hybrid noma ezihamba ngogesi, ezithinta amakhompyutha nokuthola inkinga yemoto kanjalo nobuchwepheshe obusiza umshayeli,” kusho yena.
INada isibe nezingxoxo nezikhulu zezinkampani eziyingxenye yeNada Motor Retailers’ Forum ezithembise ukufaka isandla kulokhu.
Amanye amaqhinga enawo ukuthi amagaraji abambisane nezikole ukukhangisa ngemisebenzi ekhona kwezezimoto kanjalo nokuba yingxenye yezigcawu lapho kukhangiswa futhi kufundiswa khona ngemisebenzi.
Ithe ihlela nokubambisana namaTVET College namanyuvesi ukuveza amathuba emisebenzi ekhona, izosebenzisa izinkundla zokuxhumana nokuthuthukisa i-website yayo.
UPantsi uthe abasebancane abafuna ukungena kulo mkhakha kumele bazazi izinhloso zabo nokuthi babekezele.
“Abantu abasebancane abangena embonini kumele bazimisele ekunikeleni ngesikhathi sabo ukuzithuthukisa amakhono nokuqeqeshwa. Kumele uqonde ukuthi ukusebenza embonini yezimoto yinto ozibophezela kuyo isikhathi eside.”