IMOTO: KIA SPORTAGE CRDi GT-Line Plus
NGESIKHATHI iKia Sportage entsha yethulwa eNingizimu Afrika ngoSepthemba, nyakenye, amakhasimende abethola kuphela enenjini kaphethroli.
Injini leyo ingu-1.6 litre turbo enamandla angu-132kW ne-torque engu-265Nm. Ngesikhathi ngihamba ngayo ngasekuqaleni konyaka, ngayibuyisela emuva idla amalitha kaphethroli angu-8.2 ngo-100km.
Akuseyiyo yodwa esemakethe manje njengoba sekukhona nekadizili engu-1.6 litre turbo. Kuyaziwa ukuthi ngokujwayelekile izinjini zikadizili zidla kangcono kunezikaphethroli.
Nalena ingivezele ukuthi idla 6.0l/100km.
Inamandla angu-100kW ne-torque engu-320Nm kanjalo no-gearbox oyi-7 speed DCT. I-VW Tiguan eyimbangi yayo, inenjini enkudlwana engu-2.0 TDI enamandla athe xaxa njengoba engu-130kW.
Ukungabi namandla amakhulu kweSportage kadizili kunaleyo kaphethroli kwenza isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-11.4 kanti ijubane elikhulu ngu-180km/h.
Yize kunjalo, emgwaqweni ihamba kahle futhi noma kungeyona imoto enyusa amandla ngokushesha kodwa angiyibonanga inkinga uma uthi usika enye imoto engaphambili.
Injalo nje iphephile ngoba inebhathini elenza ukuthi ikusize uhlale emzileni. Iyasho uma kunemoto eseceleni futhi uma isola ingozi, ikusiza ukuthi ubhreke.
Engikuthandayo wukuthi inkulu ngaphakathi njengoba ine-wheelbase engu-2 680mm nokuyenza kube yimoto ekahle uma unomndeni.
Ngike ngazithola kunezimpahla okumele ngizithuthe, ibhuthi engu-591 litres yazimumatha kodwa kwakhona ezisalayo. Kube wukulalisa mba izihlalo zangemuva, sanda isikhala kwaba wudedangendlale.
ISportage ayiyinhle nje kuphela ngokuthi ivulekile kodwa nasehlweni iyabukeka futhi inothe ngokuningi, okunye okwakwaziwa ukuthi ukuthola ezimotweni zaseJalimane.
Yingakho kungethusi ukubona ukuthi idle umunxa weMidsize emncintiswaneni ama-2023 South African Car of the Year, muva nje.
Ukukhanya kwangaphandle ikungenisa kahle nge-panoramic sunroof okhakhayini. Ngaphambili ine-touchscreen infotainment system enkulu ecishe ihlangane ne-digital instrument cluster. Ikuvezela ingaphandle ngamakhamera, uxhuma iselula nge-Apple CarPlay, udlale umsakazo nokunye.
Akekho okhala ngamakhaza ngaphakathi ngoba izihlalo zangaphambili nangemuva ziyafudumala kanjalo nesiteringi. Nezindawo zokushaja anizibangi ngoba zikhona nangemuva.
Nangaphandle yinhle, inama-criss amahle emzimbeni, amalambu angamaLED namarimu angu-19 inch.
Intengo:
1.6 CRDi GT-Line Plus: R735 995
Ifika ne-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km, warranty ne-roadside assistance yeminyaka emihlanu.