KUDALULWE ukuthi kunenqwaba yezimoto ezintsha ezizokwethulwa kusuka ngonyaka ozayo kwaFord South Africa, ngesikhathi kugujwa iminyaka ewu-100 inkampani yasungulwa eNingizimu Afrika.
Umcimbi obungoLwesithathu, ubusingethwe yinhloko yamahhovisi akwaFord, eSiverton, ePitoli.
Ubuhanjelwe abasebenzi benkampani, abasaqeqeshwa nasebeneminyaka besebenza emkhakheni wokwakha izimoto.
Kuvele ukuthi ngesikhathi iqala eminyakeni engu-100 edlule yayakha izimoto ezingu-10 ngosuku kodwa manje isikwazi ukukhiqiza idlule ku-720 ngosuku.
Izimoto okumenyezelwe ukuthi zizokwethulwa kusuka ngonyaka ozayo yiFord Ranger Plug-in Hybrid.
Inenjini kaphethroli engu-2.3 litre EcoBoost esebenza nebhethri elishajwayo. Bathi uma isbenza ngebhethri eyodwa ingahamba 45km.
Njengezinye izinhlobo zamaRanger (ngaphandle kweRaptor), izokwakhiwa eSilverton, bese isatshalaliswa kwamanye amazwe.
Ukulungiselela ukwakhiwa kweRanger Plug-in Hybrid, le nkampani imemezele ukuthi itshale uR5.2 billion.
Ekupheleni kwale nyanga kuzokwethulwa iFord Puma, abazokuthatha bakubeke ngayo ngemuva komcimbi.
Izolandelwa yiTourneo, Territory, Ranger Tremor neRanger Plutinum, Mustang Mach-E neMustang entsha.
Mustang Mach-E
Ngo-2025 kuzokwethulwa iMustang Mach-E , okuzoba yimoto yokuqala yale nkampani kuleli ehamba ngogesi kuphela.
Bakugodlile ukuthi bazoletha yiphi inhlobo njengoba kukhona iSelect, Premium neGT. Abakuvezile wukuthi iGT isuka ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-3.7 nokungenzeka ukuthi kube yiyo elethwayo.
Mustang
Kuqinisekisiwe ukuthi iMustang entsha okungeyesikhombisa, izofika ekuqaleni kuka-2024. IMustang GT inenjini ethuthukisiwe engu-5.0 litha Coyote V8 enamandla angu-362kW netorque engu-567Nm. Amandla asuka ku-330kW netorque engu-529Nm.
Azokwandiswa ngekota yesibili yonyaka ngeMustang Dark Horse yokuqala ngqa. Kuyona amandla enjini anyukile kuneGT njengoba engu-372kW netorque e gu-567kW.
Territory
IFord Territory ikhuza ibuya eNingizimu Afrika, ngekota yesibili yonyaka ozayo. Le SUV elayisha abagibeli abayisihlanu izoba yimbangi yeToyota Rav4, Hyundai Tucson, VW Tiguan nezinye.
Inenjini engu-1.8 litha EcoBoost enamandla angu-140kW netorque engu-320Nm. Idonsa ngamasondo angaphambili ngogearbox oyi-7 speed auto.
Bathi ivulekile ngaphakathi futhi ine-digital instrument cluster enkulu netouchscreen infotainment system.
Ranger Tremor nePlatinum
Uzokwandiswa umndeni wentandokazi iRanger eyakhiwa eNingizimu Afrika. Kuzothi uma kuqala u-2024 kwethulwe iRanger Tremor, nePlatinum.
ITremor isuselwe kwiXLT yabe isintshwa ususpension namashock kwafakwa nezinsiza zomshayeli uma ehamba obhuqwini njengoba yakhelwe abanganqeni ukuyikhipha etiyeleni.
IPlatinum ngeyabafuna iveni eliwubutshetshe njenge-Everest Platinum yakwabo yona eyiSUV. Ishaya ngesikhumba ngaphakathi nezihlalo ezihlelwa ngogesi futhi ezishisayo, ziphinde zibande.
Inenjini engu-3.0l V6 kadizili enamandla angu-184kW netorque engu-600Nm esebenza nogearbox oyi-10 speed automatic.
Tourneo Custom
Ngekota yokuqala yonyaka ozayo kuzotheleka iTourneo Custom Trend entsha bese kuthi iTitanium X neSport zilandele maphakathi nonyaka. Le moto yakhelwe imindeni nosomabhizinisi futhi ivulekie ngaphakathi, inesitebhisi esisha sokugibela. Baphinde bayehlisa ubude ukuze ikwazi ukungena kahle egaraji noma ezindaweni zokupaka. Baphinde bayishintsha ushesi bayifaka nogearbox omusha oyi-8 speed automatic kanjalo nenjini engu-2.0 litre single turbo kadizili enamandla angu-131kW.
Ngaphakathi kunetouchscreen engu-13 inch eneSYNC 4 infotainment system kuphinde kube nedigital instrument cluster entsha.
Transit Custom
Kosomabhizinisi iyeza iTransit Custom entsha kusuka ngekota yokuqala yonyaka ozayo. Inesiteringi okwaziyo ukusenyusa noma usehlise, bayinciphisile ubude, isicabha esiseceleni siyazivulekela ukuze kube lula ukulayisha impahla uma uthwele futhi kunesitebhisi sokungena nokunye. Baphinde bayishintsha nesuspension ukuze ibambelele kangcono.