IMOTO: FORD RANGER RAPTOR
AMEHLO alunguza ngewindi ukubona ukuthi indawo injani njengoba ibhanoyi selizothi cababa kwazise umshayeli usememezelile ukuthi kusele imizuzu engu-10.
Akuveli mizi kunalokho ugwadule lodwa.
SiseWalvis Bay, eNamibia, ukuzoshayela iFord Ranger Raptor, eqale ukuvela ezinyangeni ezingu-12 ezedlule.
Ugwadule lolu, yiyona ndawo esizochitha kuyo izinsuku ezimbili sivivinya iRaptor, okuyinhlobo yesibili ikhona.
Eyokuqala yethulwa ngo-2019, yakhiwa eNingizimu Afrika. Ifemu yakwaFord, ePitoli, ikhiqize angu-24 557, okuhlanganisa neRaptor SE eyethulwe ngo-2021. Angu-3 630 kuwo adayise kuleli kwathi amanye aya kwamanye amazwe.
Entsha isilandwa eThailand, kodwa umehluko okukhulunywa ngawo kakhulu usenjinini.
Kufakwe engu-3.0 litre twin-turbo EcoBoost V6 ka-phethroli enamandla angu-292kW netorque engu-583Nm.
Wumehluko omkhulu lona uma ubheka ukuthi iRaptor endala ebinenjini kadizili engu-2.0 Bi-Turbo efuqa 157kW netorque engu-500Nm.
U-gearbox usafana njengasekuqaleni. Uyi-10 speed ozishintshayo nama-pedal shifters ngemuva kwesiteringi uma ufuna ukuzishintshela.
Ukunyuka kwamandla enjini kusho ukunyuka kwemali okuzomele uyikhokhe kuphethroli. Endala ethangini layo elingu-80 litres babethi idla 8.3l/100km kudizili kanti kule bathi idla 11.5l/100km. Bekungaba kuhle ukuba nethangi lithe xaxa khona ingeke ifune uyokwetha futhi ngokushesha.
Uma singena kuyo siyatshelwa ukuthi amasondo ehlisiwe umoya ngoba siyogudla esihlabathini esithambile ngakho ngeke sikwazi ukugijima kahle esihlabathini.
Amasondo lawa yi-285/70 R17 BF Goodrich all-terrain ayekwiRaptor yokuqala. Etiyeleni elimanzi ayenokushelela nokuyinto engimangazayo ngoba iSE yafika inyathela ngama-285/70 R17 General Grabber AT3. Ukushelela yinto evunywa nguMartin Steyn oyiVehicle Integration Supervisor kwaFord Motor Company ozinze e-Australia. Uthi uke wazizwa lezi zikhalo kodwa ngenxa yokuthi isidonsa ngawo womane amasondo zikhathi zonke, kuzogwemeka lokhu.
Uma uthanda nokho uyakwazi ukuyenza idonse ngamabili noma usebenzise u-4L noma u-4H uma ususobhuqwini noma ogwadule.
Empeleni yilapho ebukisa khona futhi alikho iveni elifika kuyo ngokubamba ijubane libe lintofontofo obhuqwini. Ama-shocks amasha akwaFox yiwo enza ingazweli futhi engikuthanda ngayo wukuthi amabhreki abamba thaqa.
Noma izimo seziqala ukushuba kodwa iyakwazi ukuwela ayigabile nje ngejubane kuphela. Okokuqala wukuthi igabade ilishiye ngo-272mm (yehle isuka ku- 283mm) iphinde inediff lock ngemuva nentsha abayifake ngaphambili.
Ifika nama-drive modes ayisikhombisa – amathathu asetiyeleni, namane asobhuqwini okukhona kuwo noBaja Mode wodumo.
Uwashintsha ngebhathini elisezansi kodwa esiteringini kunelinye elibhalwe uR okuyilapho uzisethela wena imoto ukuthi ufuna idume kanjani, i-suspension nesiteringi bese uyayigcina leyo mininingwane ukuze kube ukuciphiza ibhathini bese ibuya ngokushesha imoto ibe yindlela ofuna ngayo.
Ukushintsha ama-drive modes kuhambisana nokushintsha kokuduma kodwa futhi uma uthanda uyakwazi ukuzinciphisela noma uzinyusele wena ukuduma ngebhathini elisesiteringini.
Okunye engikuthandayo ngayo yiTrail Control. Ungayifanisa ne-cruise control yasobhuqwini ngoba ihamba ngejubane olikhethile, akukhathalele kuyehliwa noma kuyenyukwa.
Bengizibuza ukuthi bazolinyusa kanjani izinga leRaptor kodwa impendulo ngiyitholile.
Okunye enakho ngamaLED daytime running lights ayenza igqame, amaMatrix LED headlights, towbar, touchscreen infotainment system eveza lonke ingaphandle ngamakhamera, uxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay/Android Auto nokunye, izipikha zeBang & Olufsen, digital cluster nokunye.
Intengo:
Ranger Raptor 3.0L V6 EcoBoost 4WD 10AT - R1 094 900
Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma u-120 000km, corrosion warranty yeminyaka emihlanu neRoadside Assistance yeminyaka emine. I-service plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km uyithenga eceleni ngoR18 740.40 noma iMaintenance plan.