Naphezu kokuthi sekuqala ihlobo kodwa amalambu ezimoto yinto ebalulekile noma ngabe awukaqali ukushayela ekhaya, ngokusho kuka-Eugene Herbert, oyisikhulu seMasterDrive.
UHerbert uthe kazi bangaki abashayeli abangathi basanda kuhlola amalambu abo ukuthi asebenza kahle yini uma bengabuzwa.
“Uma kubanda ekuseni abashayeli abaningi basheshe bangene emotweni baqale uhambo lwabo bethembele ekutheni amalambu ayasebenza. Akukho kubantu ukuthi bahlole amalambu kodwa kungasho ukuthi ushayela ngaphandle kwento ebalulekile ekuphepheni komshayeli hhayi kuphela ngalolo suku kodwa kokunye amasonto,. Wonke umshayeli useke wahlangana nenye imoto engenawo amalambu noma enangasebenzi kahle futhi angafakaza ngobungozi obudalekayo. Esikhathini esiningi ukulungisa amalambu kuyashesha futhi akubizi kodwa yinto enganakwa ngoba akufiki kumuntu ukuthi awahlole,” kusho uHerbert.
UHerbert uthe ama-headlight angenye yezinto ezibalulekile ngoba aqinisekisa ukuthi uyabona futhi nabanye abashayeli bayakubona ngakho ukunakekelwa kwawo akungazitshwa.
Uthe nakhu okumele abashayeli bakwenze ukuqinisekisa ukusebenza kwamalambu:
- Uma usemotweni bheka ubonda olungaphambi kwalapho upake khona noma inumber plate yemoto ephambi kwakho ukuthi iyakuveza yini ukukhanya kwamalambu akho. Uma ungenaso isiqiniseko wahlole ngokushesha.
- Lokhu kuhlanganisa ama-indicator, fog, amalambu okuhlehla nawokubhreka.
- Uma kukhona ilambu elingasebenzi, kuphakanyiswa ukuthi uvakashele ungoti ozowabheka uma ungenawo amava kulokho.
- Uma ungakwazi ukuzilungisela amalambu, akhethe kahle ozowathenga. Amalambu ashibhile awasebenzi njengawakubo kwemoto.
- Uma uwashintshile amalambu yenza isiqiniseko sokuthi angene kahle.
- Ungabheki amalambu angasebenzi nhlobo kepha hlola ukuthi akhanyisa kahle yini.
- Ngisho ngabe iyodwa i-bulb engasebenzi kumele uwashintshe ngophathina ukuze kungabi khona mehluko.
- Ukwenza isiqiniseko sokuthi amalambu asebenza kahle kuhlanganisa nokuthi ahlanzekile.