Impilo Yabantu Ezezimoto

Isinenjini entsha no-gearbox ozishintshayo iToyota LC 70 Series

Intatheli Yazezimoto|Published

Izinguquko ezenziwe kwiToyota Land Cruiser 70 Series azigcini kuphela ngaphandle kodwa zenziwe nangaphansi kwebhonethi lapho kufakwe injini no-gearbox omusha

IMOTO: TOYOTA LAND CRUISER 70 SERIES

Sethulwe nezinguquko ezinqala isiqwalantaba iToyota Land Cruiser 70 Series entsha okukhona kuzo nenjini entsha no-gearbox ozishintshayo okokuqala ngqa.

KwaToyota bathi ukwengezwa kwenjini entsha kuzokwenza ukuthi le moto ihehe abantu abehlukene.

Phambilini iLand Cruiser ibitholakala kuphela ngenjini engu-4.0 litre kaphethroli engenayo i-turbo. Enye bekuyi-4.2 litre kadizili nayo engenayo i-turbo kanjalo ne-4.5 litre turbo-diesel V8. Zonke bezisebenzisa u-gearbox oyi-manual.

Kwentsha sekukhona nenjini engu-2.8 litre turbo-diesel eyi-four cylinder. Ifakwe u-gearbox oyi-six speed automatic. Lena yinjini esebenza kwiHilux futhi inamandla angu-150kW ne-torque engu-500Nm.

Kuningi okwenziwe kuyo ukuze iphole kahle futhi isebenze ngamandla nasezimeni ezinzima njengoba imoto isazoqhubeka nokukwazi ukudonsa isisindo esingu-3500kg.

Ifakwe i-4x4 system kanjalo ne-locking differential ngaphambili nangemuva.

Ukwengezwa kwenjini entsha akuzona kuphela izinguquko ezenziwe njengoba kuphinde kwashintshwa indlela ebukeka ngayo.

Bayifake i-grille entsha namarimu angu-16 inch.

Ngaphakathi kune-centre console entsha enezindawo eziningi zokubeka izinto. Zonke zinezihlalo eziyindwangu ngaphandle kweStation Wagon VX eneziyisikhumba.

Intengo:

SINGLE CAB

LC79 4.0 Petrol S/C 5MT – R765 500

LC79 4.2 Diesel S/C 5MT – R829 000

LC79 4.5 Diesel V8 S/C 5MT – R956 200

LC79 2.8 GD-6 Diesel S/C 6AT – R917 100

DOUBLE CAB

LC79 4.0 Petrol D/C 5MT – R864 600

LC79 4.2 Diesel D/C 5MT – R920 800

LC79 4.5 Diesel V8 D/C 5MT – R1 039 200

LC79 2.8 GD-6 Diesel D/C 6AT – R1 009 000

STATION WAGON

LC78 4.2 Diesel SW 5MT – R900 100

LC76 4.5 Diesel SW 5MT – R1 076 800

LC76 2.8 GD-6 Diesel SW 6AT – R999 900

LC 76 2.8 GD-6 VX Diesel SW 6AT – TBC

Zonke zifika ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km kuthi i-service plan ka-100 000km uyifake uma uthanda.