Impilo Yabantu Ezempilo

URamaphosa uzosayina eyomshwalense wezempilo kuleli sonto

Nonkululeko Nhlapo|Published

KULINDELEKE ukuthi ngoLwesithathu umengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa asayine umthethosivivinywa womshwalense wezempilo kazwelonke.

Lokhu kuvezwe yihhovisi likaMengameli ngoMsombuluko ebusuku ngesitatimende esinamekwe ezinkundleni zokuxhumana.

Ngokwesitatimende ngoLwesithathu, mhla ziyi-15 kuMeyi 2024, umengameli uzosayina esidlangalaleni uMthethosivivinywa Womshuwalense Wezempilo Kazwelonke oqondisa ukuguqulwa kohlelo lokunakekelwa kwezempilo lwaseNingizimu Afrika ukuze kufinyelelwe ekuhlinzekeni izinsiza zezempilo emhlabeni wonke futhi, ngalokhu, kunqobe ukungalingani okubucayi kwezenhlalo-mnotho kanye nokungalingani okwedlule.

Umcimbi wokusayina uzobe use-Union Buildings, ePitoli, ngo-14h00.