MHLELI: Ngiphawula ngodaba lwezikole ukuthi zizovula ngoJulayi bese izingane ezisemazingeni aphansi, zifunda zonke insuku.
Kuyasidumaza ukuphawula kwe-EFF ngomlomo womholi wayo uMnuz Julius Malema, uma ethi kufanele zivalwe izikole ukuze kuphephe izingane. Angazi ukuthi uMalema uhlala kuphi noma akayiboni yini inkinga edalekayo selokhu kwaqala ukhuvethe ngonyaka odlule.
Miningi imikhuba eyenziwa yizingane uma zisemakhaya zidlala ndawonye, ziyaganga azihlali endlini. Ukuhlala kwazo emakhaya ngeke kusize ngalutho kuzodaleka osikhotheni neCorona izobhebhetheka kakhulu. Iningi labazali balezi zingane liyasebenza, libuya ntambama. Uma zisezikoleni ziphephile kakhulu.
Ake ibhekisiswe le nto eshiwo yi-EFF yokuthi bazobhikishela ukuthi zivalwe izikole. Ngeke kuze kulunge lutho, akuncengwe nje izingane ziye esikoleni ngoba kuphephile. Uma zisemakhaya azikhuzeki ngoba nenhlonipho ayisekho. Ngeke uyikhuze ingane okungeyona eyakho noma uyibona yenza into engalungile.
Ezikoleni kungcono ngoba zigadwe ngothisha. Uma sifuna ukubona izwe libhubha asiyekeleni i-EFF isifake ehlathini. Lezi zingane zingabaholi bakusasa ziyoliphatha kanjani izwe uma zingafundile? ICovid-19 igasele kuleli ngonyaka odlule ngoMashi, uMengameli Cyril Ramaphosa nekhabhinethi, bathatha isinqumo sokuthi bavale izwe thaqa kodwa lokho akusizanga ngoba abantu abaningi baphelelwa yimisebenzi. Kwacaca bha, ukuthi ukuvala thaqa kuzolibhubhisa izwe emnothweni. Uma ubuka njengamanje sesiqala unyaka wesibili lolu bhubhane luyadlondlobala kunokuba ludambe ngoba isixazululo sokuluqeda asitholakali.
Kuyacaca ukuthi kufanele sizifundise ukuphila nalo, izidingo zempilo ziqhubeke zisebenze nezikole zingavalwa thaqa ngoba lokho kubulala ikusasa labaholi bezwe bakusasa.
Akwenziwe njengoba kwenziwa emabhizinisini ukuthi avulwe asebenze kushunyayelwe ivangeli lokuzivikela, ngokufaka isafonyo ukugeza izandla nokuqhelelana. Umholi we-EFF uMalema kufanele cabange ukuthi eminyakeni ewu-20 noma ewu-30 ezayo izwe liyobe liholwa yibo laba bantu athi abangayi ezikoleni, abahlale emakhaya. Uthi bayolihola kanjani izwe bengafundile?
Ntabeni umfana wentaba
EHAMMARSDALE