ISINYATHELO seNkantolo yoMthethosisekelo sokuchitha ukulalela nokuguqula isinqumo sokuthi owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma kwakungafanele adedelwe ejele ngo-2021, sihlukanise phakathi izwe.
Owayengukhomishana wezokuHlunyeleliswa kweziMilo nezamaJele, uMnuz Arthur Fraser, wakhulula uZuma ngoshwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15.
Isinqumo sikaFraser savivinywa eNkantolo eNkulu yaseGauteng, ePitoli, eyathola ukuthi wayengenalo igunya lokukhulula uZuma ngoshwele wokugula. Ngokunjalo neNkantolo yokuDluliswa kwamaCala, yachitha uFraser njengoba neNkantolo yoMthethosisekelo imi kokufanayo.
Emva kokuphuma kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo ngoLwesine, sekuvele ukwehlukana kwemibono. Kukhona abathi uZuma makabuyele ejele ayoqedela isigwebo sakhe. Ngakolunye uhlangothi, kukhona abathi kasisekho isidingo.
Isimo esibhekene neNingizimu Afrika siqubula ingebhe kwabaningi kwazise izwe libone lukhulu ngesikhathi kuboshwa uZuma okokuqala. Namanje izwe lethu kalikabuyeli esimeni ngenxa yomonakalo owadaleka ngesikhathi kutatshwa ezitolo ngoJulayi 2021. Umnotho wezwe usadunguzela. Ngaphezu kwalokho okwenzeka kwaveza izinto eziningi njengenhlese yokucwasana kwabantu ngokobuhlanga engazange isukunyelwe futhi ixazululwe ngokuphelele.
Ekugcineni wuKhomishana wokuHlunyeleliswa kweziMilo nezamaJele, uMnuz Makgothi Thobakgale, okumele athathe isinqumo ngokufanele kwenzeke ngoZuma.
Ngakho sinxusa ukuba udaba lwakhe lusingathwe ngesinono kungabi bikho ubudlabha bezinkulumo ezibhebhezela udungunyane. Silindele ukuthi uhulumeni akhulume ngezwi elilodwa kulolu daba, kungabi nokuthi wonke umuntu asho akuthandayo ukuze kugwemeke uthuthuva.