I-EFF kulo nyaka ibigubha iminyaka eyisikhombisa selokhu yasungulwa ngo-2013 kodwa uma singabheka amagalelo esiwakhombisile, ungathi yinhlangano ekade yaba khona.
Uma sibheka ukudlondlobala kwayo, kubonakale ngokuthi ikhuphule isibalo sayo samalungu ayimele eziShayamthetho nasePhalamende eCape Town.
Ngo-2014, okwakuwunyaka wokhetho lukazwelonke nolwezifundazwe, KwaZulu-Natal yahlomula ngezihlalo ezimbili kuphela, kwathi kuzwelonke yaba neziwu-25.
Ngonyaka odlule KwaZulu-Natal ivuke nezihlalo eziyisishiyagalombili, kwathi kuzwelonke yathola eziwu-44.
Lapha kubalwa nesibalo samakhansela elibe nawo ngo-2016, abalelwa ngaphezu kuka-800 ezweni lonke, KwaZulu-Natal bathola awu-64.
Lokho kukhomba ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bayakholelwa kuyo. IsiZulu sithi ingwe idla ngamabala. Lokhu kufakazelwa yindlela edlondlobala ngayo ngokwezibalo. Lokhu kuwubufakazi bokuthi isenza lokhu abantu abakudingayo nokubathokozisayo.
Ngesikhathi isungulwa, abahlaziyi nabaphrofethi bamanga abayinikanga thuba, bathi izoshabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga.
Baze bayifanisa nezinye izinhlangano ezasungulwa ngaphambi kwayo.
Ikhombisile kodwa ukuthi ize kule ndima yazi kahle ukuthi abantu baseNingizimu Afrika badingani.
Ukufika kwe-EFF kwenze abantu abansundu babuyelwa yithemba ngoba iyabalwela ezimeni okubalwa kuzo ukuhlukunyezwa emsebenzini nasekucwasweni ngokwebala.
Sekube nezinto eziningi esezenzekile okubalwa kuzo isitolo esakhangisa izimpahla zokugqoka i-H&M eyayilulaza isithunzi somuntu omnyama.
Ukungenelela kwe-EFF kwenza lesi setolo sehlela ngezansi saxolisa ezweni ngesenzo saso.
Muva nje isitolo iClicks sikhiphe isikhangiso esasibukela phansi isithunzi somuntu omnyama.
Lokho kubange ukuthi kube khona imibhikisho, lesi sitolo savalwa izwe lonke. Konke lokhu i-EFF ikwenza ngokulwela ibala lomuntu omnyama, ingakhathalele ukuthi ungowaliphi iqembu lezepolitiki.
Yiso lesi sizathu esenza ukuthi ngithi ingene kulo mdlalo wepolitiki seyazi ukuthi izokwenzani futhi konke ekwenzayo ikwenza ngempumelelo.
Umbuzo ongaqhamuka ngothi izenzo zayo zibenzelani abantu baseNingizimu Afrika?
Ngabe sizobona le nhlangano idlondlobala isuka ekubeni yiqembu lesithathu elikhulu ekulawulweni kwezwe iba ngelesibili noma ngelokuqala na?
Uma kodwa ubheka lapho isuka khona nesikhathi esikusona njengamanje, kuyabonakala ukuthi isithunzi somuntu omnyama sibonakala sivikeleka kakhulu, nabantu bebuyelwa yithemba.
Sengiphetha nje, ngithi ngabe kuzokwenzekani okhethweni lohulumeni basekhaya okulindeleke ukuthi lube ngonyaka ozayo?
Ngabe ekwenzile i-EFF phambilini kuzoyizuzisa amavoti amaningi?
Konke sekulele kubavoti ukuthi ngabe bafuna ivoti labo libenzeleni.
Khumbulani Nene
Ikhansela le-EFF eMgungundlovu